ULINDELE umdlalo onzima kakhulu uma sebebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ukaputeni weLamontville Golden Arrows, uNduduzo Sibiya, nakuba leli qembu kubhekwe ukuthi lifike lingaphelele.
Abadlali bamaSandawana abangu-10 bayingxenye yeqembu lesizwe, iBafana Bafana, eliyibambe kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast.
Yize iqembu likaHugo Broos linqotshwe yiNigeria sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owandulela owamanqamu ngoLwesithathu ebusuku kodwa lisazodlala umdlalo wokubanga indawo yesithathu neDemocratic Republic of Congo ngo-10 kusihlwa.
I-Arrows neSundowns bazodudulana eMpumalanga Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
USibiya uthe abadlali abesekhempini yeSundowns njengamanje bazofika nomfutho ukuze baziphendlele indawo eqenjini.
“Laba badlali abakhona beSundowns yibona abayingozi kakhulu. Bonke balwela ukuthi bathole ijezi njalo ngakho-ke ngesikhathi kusaphunyuzwe laba abaphuma kwi-Afcon, laba abazobe bedlala bazobe befuna ukuzibonakalisa kumqeqeshi," usho kanje.
“Uma ngibheka abadlali abakhona manje eqenjini labo bayakwazi ukumelana nathi ngokomfutho, ijubane nangeminyaka yingakho silindele umdlalo onzima kakhulu."
Abafana Bes'thende basendaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-16. Kuyiwe ekhefini le-Afcon sebedonsa kanzima kwazise babulawe yinduku emidlalweni eyisithupha yeligi ilandelana.
Baze basizwa ngamaphuzu amathathu abawathole ngenxa yokuthi iMoroka Swallows ayifikanga emdlalweni okwakufanele bawudlale ngoDisemba.
USibiya unethemba lokuthi ukuhlaba ikhefu, ukucubungula amaphutha abo nokusayinisa abadlali abasha kuzobenza babuye ngomfutho abaqale ngawo isizini.
“Abadlali bethu bebekhathele kodwa sesikwazile ukubuyisa amandla nokulungisa amaphutha aholele ekutheni silahle amaphuzu," uqhubeke kanje.
“Sikulungele ukubuya kwemidlalo. Umdlalo wokuqala ngeke ube lula ngoba sekunesikhathi sagcina ukudlala kodwa sonke sizimisele.
"Nabadlali abasha bangena kahle eqenjini futhi sebeyayiqonda indlela esidlala ngayo. Sithole abadlali abanamava, abanye asebedlale iminyaka kwamanye amaligi.
"Emzuliswaneni wokuqala besisebenzisa inqwaba yabadlali abasebancane futhi ngokuhamba kwesikhathi kubonakele ukuthi isipiliyoni siyadingeka.
“Amaphuzu esiwathole emdlalweni okwakumele siwudlale neSwallows ayabalwa kwi-log kodwa okubalulekile kithina wukuthi sihambe siyodlala umdlalo olandelayo neSundowns, sizilwele izimpi zethu, siqoqe amanye amaphuzu," kuphetha uSibiya.
Imidlalo yeDStv Premiership
NgoLwesibili ngo-7.30 ebusuku
Kaizer Chiefs v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium)
Stellenbosch v AmaZulu (Danie Craven Stadium)
Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium)
SuperSport United v Sekhukhune United (Lucas Moripe Stadium)
Cape Town City v Moroka Swallows (Cape Town Stadium)
NgoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku
Golden Arrows v Mamelodi Sundowns (Mpumalanga Stadium)
Royal AM v Cape Town Spurs (Harry Gwala Stadium)
Polokwane City v Richards Bay (Old Peter Mokaba Stadium)