UTHEMBISA ukuthi bazobhema bakholwe abathandi bekhilikithi emidlalweni abazoyidlala ne-Australia kwiKFC T20 International ukaputeni weqembu lesizwe labesilisa lakuleli, u-Aiden Markram.
AmaProteas azobhekana ne-Australia emidlalweni emithathu yeT20 eHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini, kusukela kusasa ngo-6 ntambama.
UMarkram uqale ukuhola iqembu lesizwe le-T20 ngoMashi, ethatha izintambo kuTemba Bavuma, osengukaputeni weqembu lemidlalo yosuku olulodwa (ODI) nelemidlalo yezinsuku ezinhlanu (Test).
Uzobe ebheke ukunqoba lolu chungechunge ngemuva kokunqontshwa yiWest Indies ngo 2-1 ngawo uMashi.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba wuchungechunge oluhle kakhulu. Sineqembu elinabadlali abasebancane, ngakho silindele umfutho nendlela ehlukile yokudlala kodwa ngizizwa ngikhethekile ngokuthola elinye ithuba lokuhola leli qembu,” kusho uMarkram.
“La mazwe womabili ayizimbangi futhi ayakuthokozela ukuqhudelana. Siyahloniphana kakhulu ne-Australia kodwa siyazimisela uma sesibhekene enkundleni. Ekubeni ngukaputeni kumele wenze isiqiniseko sokuthi uhola ngezenzo, ukuze iqembu liqale kahle futhi liqhubeke ngaleyo ndlela.”
AmaProteas abheke uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa ezolandela eyeNdebe yoMhlaba ye-ODI ezoqala ngo-Okthoba e-India.
Ngenxa yalokhu, iqembu likaMarkram linabadlali abasebancane uDewald Brevis, Donovan Fereira noGerald Coetzee njengoba kunabadlali abanamava uQuinton de Kock, Kagiso Rabada, Anrich Nortje noHeinrich Klaasen abaphunyuziwe.
Noma kunjalo, uMarkram uthe okusemqoka wukusiza iqembu ukuthi ligxile ochungechungeni, lingabheki kakhulu okusazolandela.
“Abanye abadlali baphunyuziwe njengoba kubhekwe eNdebeni yoMhlaba futhi yithuba elihle kulaba abancane, ukuthi bangene. Bazibonakalisile emiqhudelwaneni yasekhaya nakweminye yangaphandle. Asiwangabazi amakhono abo. Kufanele sibavumele badlale ngokukhululeka futhi sibaseke.”
Yomithathu imidlalo yeT20 ne-Australia izodlalwa eHollywoodbets Kingsmead Stadium. Owesibili uzoqala ngo-6 ntambama ngoLwesihlanu, owokugcina uzoba ngeSonto ngo-2 ntambama.
Kugqugquzelwa abalandeli ukuthi bafike kusenesikhathi ngoba abokuqala abangu-2000 abazongena enkundleni emdlalweni, ngamunye bazothola izigqoko zamahhala eziqhamuka kubaxhasi, i-KFC.
Bazophinde bazibeke ethubeni lokubuka umdlalo endaweni ekhethekile, eyaziwa nge-KFC Big Bucket, lapho bezozitika khona ngezidlo, iziphuzo, umculo nokunye.
Amathikithi aseyadayiswa eTicketpro. Awezingane ezineminyaka eyisikhombisa kuya kwengu-18 ubudala angu-R110, awabantu abadala aqala ku-R150, awabaneminyaka engaphezu kuka-65 angu-R110.