UBONA kukuningi okuhle abakwenzile ochungechungeni lwemidlalo yama-over angu-50 neSri Lanka ukaputeni weqembu lesizwe labesifazane, uLaura Wolvaardt, yize kukhona nokusafanele bakulungise.
AmaProteas angene kulolu chungechunge ebheke ukuziphindiselela kulandela ukunqotshwa yiSri Lanka ngo 2-1 kolweT20.
Umdlalo wokuqala awuphelanga ngenxa yemvula. Iqembu lakuleli linqobe owesibili ngamawikhethi ayisikhombisa, kwathi owesithathu wanqotshwa yizivakashi ngamawikhethi ayisithupha.
UWolvaardt uphinde wenza ezibukwayo emdlalweni wesithathu eshaya ama-run angu-184 emabholeni angu-147. Uqophe irekhodi elisha lama-run amaningi aseke ashaywa ngumdlali wesifazane waseNingizimu Afrika kuzona zonke izinhlobo zekhilikithi.
AmaProteas aqede ama-over awo angu-50 esehlanganise ama-run angu 301, alahlekelelwa amawikhethi amahlanu.
Izivakashi zibuye ngamandla zafinyelela kuma-run angu-305, sizalahlekelwe amawikhethi amane. Beziholwa uChamari Athapaththu oshaye ama-run angu-195 emabholeni angu-139.
“Umdlalo bewunzima. Siwuqale kakhle kodwa akhona amaphutha esiwenzile njengokukhishwa kwabadlali ababili ngama-runout. Kunzima ukuhlulwa ekubeni nishaye ama-run amaningi kangaka kodwa bonke ubunzima buhambisana nezifundo,” kusho uWolvaardt.
“Bekuyinkundla evuna abadlali abashayayo kodwa sibe nawo namathuba okubakhipha esingawasebenzisanga. UChamari udlale kahle kodwa ukube sisheshe samkhipha ngabe sizibeke ethubeni elihle lokunqoba umdlalo.”
AmaProteas azohlaba ikhefu ngaphambi kokuqhubeka namalungiselelo eNdebe yoMhlaba ye-T20 ezobanjelwa eBangladesh, ngoSepthemba, kuya ku-Okthoba.
UWolvaardt unethemba lokuthi uzoqhubeka la egcine khona uma sebebuyela ekhempini.
“Bengixoxa nomama ngithi kuyacasula ukuthi isizini isiyaphela la sengiqala khona ukushaya ama-run. Kuyamangaza kodwa ngoba akukho okuhlukile kangako engikwenzayo uma uqhathanisa nemidlalo esiyidlale e-Australia,” usho kanje.
“Kona kuhle ukuthi sithole isikhashana sokuphumula. Ngicabanga ukuthi sonke sizokuthokozela ukuba semakhaya. Sizoba namakhempu ngasekupheleni kukaMeyi, lapho sizohlaziya kahle ukuthi yikuphi okuhambe kahle nalapho kusafanele silungise khona,” kuphetha yena.