BAKHATHAZWA ukwanda kwezigameko zokutholwa kwezidumbu zilahlwe ngasemgwaqeni eSiyathuthuka, eKenville, eThekwini, okuthiwa sekuyinsakavukela.
UMnuz City Nkosi osekomitini lomphakathi endaweni ophinde abewuSihlalo we-ANC wegatsha, elandisa Isolezwe, uthe umphakathi usuhlala ngokwethuka ikakhulu uma udlula kule ndawo osekubikwe kuzo izigameko eziningana zokubulawa kwabantu nokutholwa kwezidumbu zilaxazwe khona.
Ubekusho lokhu emva kokuthi kuthiwe kutholakale isidumbu sowesilisa ngoLwesihlanu ekuseni okukholakala ukuthi ugxotshwe ngamatshe waze washona.
Kukholakala ukuthi umgilwa ungowokudabuka KwaMaphumulo. Utholwa nje, bekusaphele inyanga kutholwe izidumbu zabesifazane zilaxazwe endaweni efanayo okunguNksz Anele Mbokazi (29) obengumhlengikazi esibhedlela Inkosi Albert Luthuli noNksz Zizipho Gabisa (30) okuthiwa yena ubengusokhemisi kwesinye sezibhedlela esiseMhlanga.
Kulesi sigameko kuboshwe uMnuz Lungani Mthethwa (38) noMnuz Sandile Chili (44) abasagqunywe esitokisini.
UNkosi uthe cishe bevile ku-30 abantu asebetholwe befile endaweni efanayo esikhathi esingaba yiminyaka emibili kuya kwemithathu.
“Siyakuqonda ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa asesiteshini i-Greenwood Park. Nakuba kunjalo sibona kungenele njengoba indawo ithe ukuqhela esiteshini. Yingakho naphambili sike sanxusa ukuthi kwakhiwe isiteshi esiwumahamba nendlwana esikholwa ukuthi kuzolekelela kakhulu kulezi zigameko zokubulawa kwabantu, “ usho kanje.
Uthe bakholwa ukuthi abanye babulawelwa kwezinye izindawo bese izidumbu zabo zilahlwa lapha, kanti zikhona nezigameko ezikhombisa ukuthi abanye basuke bebulawe kuyo le ndawo, okuyinto eyethusa kakhulu umphakathi ohlala ngakhona.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli mayelana nesidumbu esitholwe izolo.