INGWAZI yomculo kamaskandi, uZibokwakhe "Phuzekhemisi" Mnyandu, igqemeke udume lwengozi njengoba inhlangano yezokusakaza kuleli ivale umucu wayo omusha osihloko sithi Ipolotiki.
Isolezwe lithole ngomthombo walo kwiSABC ukuthi ithimba elihluza izingoma okufanele zigunyazwe ukuba zidlalwe emoyeni kuKhozi FM, liyichithile ngoba isolwa ngokuba nenhlese yokucwasa ngebala.
Umfo kaMajazana ube eseyalelwa ukuba ayiqaqe le ngoma ukuze asuse la mazwi ayiziswana awasho ngabantu abamhlophe.
Le ngoma kaPhuzekhemisi esisuse umsindo ihamba kanje "Lukhulu oluzayo, luyeza ma-Afrika. Kwakungenani uma sife sabhubha thina. Kule lizwe lakithi saze sabuthwala Ubunzima. Abantu bakithi abawutholi umsebenzi. Bayehla bayenyuka, ayikho imisebenzi. Kodwa sokwenzanjani? Izwe lakithi liyanyakaza yipolotiki. Sidlala abamhlophe besinyakazisa yipolotiki..."
Ebuzwa uPhuzekhemisi ngalezi zindaba uvumile ukuthi uphoqelekile ukuba akhuphuke alibangise eGoli ukuze ayokwenza kabusha le ngoma yakhe ukuze igcine idlaliwe eziteshini ezingaphansi kwale nhlangano yezokusakaza.
"Njengamanje sise-studio eGoli lapho sikhipha izinhlamvu zale ngoma okukhalwa ngazo." Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi ingoma kaPhuzekhemisi ichithiwe oKhozini ngenxa yomgomo wokudlalwa komculo kulesi siteshi.
“Izizathu zichazwe kahle kubaphathi bakaPhuzekhemisi. Ngebhadi iSABC ayikwazi ukuxhumana namaciko ngemithombo yezindaba mayelana nokufakwa komculo njengoba kunomgudu olandelwayo nokuthi amaciko avumelekile ukuxhumana ngqo nesiteshi,” kuphetha uMmoni.
Akukhona okokuqala kuba nezingoma zikaPhuzekhemisi ezisusa umsindo ngenxa yezinhlamvu zazo. Ezinye zazo ngezithi Amakhansela, Ngo-49, NPA, AmaNdiya nethi Impimpi.
Ingoma eyayithi Amakhansela yaze yaqhatha uPhuzekhemisi nohulumeni waKwaZulu-Natal, owawuholwa yiNkatha ngenxa yokuthi owayenguNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz Lionel Mtshali, wayesola ukuthi leli culo laligadla eqenjini lakhe.
Okwakwenza lokho ukuthi ikhansela elaliphethe i-ward, okwakuhlala kuyo uPhuzekhemisi eMkhomazi, kwakungeleNkatha.
Akagcinanga lapho uPhuzekhemisi kodwa waqhubeka nokukhulumela abantu abamnyama ngezingoma ngisho izintambo seziphethwe nayi-ANC kulesi sifundazwe. Wayesebizwa ngoMkhulumeli Wabantu. Ingoma eyayithi Izwe Alithuthuki, yenza uhulumeni we-ANC wagijima wenza uPhuzekhemisi inxusa loMnyango wezokuThutha futhi wagcina esecula izingoma ezincoma uhulumeni, okubalwa nethi Asambe Siyovota.