USAZIWAYO wakuleli ozakhele igama ngokwethula izinhlelo zethelevishini nangokulingisa, uPearl Thusi uyaziphendulela ebantwini abamsola ngokuthi wehlulwa wukudijeya.
Lokho kuza emva kokusabalala kwe-video yakhe emasontweni amabili edlule enandisa komunye wemicimbi, lapho okube khona abantu abamsole ngokuthi indlela abenza ngayo ikhombisa ukuthi “uncishiwe ikhono lokudijeya”.
NgoLwesine uPearl unikele ekhasini lakhe kwi-X ukuphendula khona bonke labo abebemsola “ngokukhingceka“. Uthe akaqondi ukuthi kungani abantu bahlale bemgxeka futhi bemliswa ngakwenzayo.
“Ngizoqhubeka ngiphile impilo yami ngendlela yami. Ukuthi kubaphatha kanjani abanye abantu lokho, anginendaba. Nokho uma kuwukuthi ukudicilela igama lami phansi kwenza abantu abathile bajabule, kuyangijabulisa ukuthi ngiyisizathu sokujabula kwabo. Ngifisa ukuthi lokho abakwenza kimi angabi bikho umuntu okwenza kubona ngelinye ilanga,” kusho uPearl.
Eqhuba, uthe ukube akakholelwa kuNkulunkulu, ubengeke akwazi ukubhekana nakho konke ukugxekwa kwakhe kangaka ezinkundleni zokuxhumana, okungenza omunye adikibale.
“Okubalulekile kakhulu kimina wukubonga wonke umuntu ohlale ema nami ezimweni ezinzima. Ngizizwa ngibusisekile kakhulu ngokuba khona kwabantu abafana nani, kangangokuthi kwamina ziyangimangaza izinto engizizuzile empilweni,” kusho uPearl.