UMCULI wokholo, uLwando “Jumbo” Nyangiwe, ubonge uKhuzani nabalandeli bakhe njengoba umucu wabo uhlabane ngama-million views kuYouTube.
Ngamanye amazwi kusho ukuthi le ngoma esihloko sithi Noma Ungavala (Yena Uzovula), seyilalelwe (ibukwe) amahlandla angaphezu kwesigidi.
UJumbo wodumo lwengoma esihloko sithi Wena Nkosi Uyazi, uthe nalona umlando ngoba kusaphele amasonto amabili nje vo le ngoma ikhishwe ngokusemthethweni njengoba seyigila izimanga.
Lo mculi wokholo odabuka eMzimkhulu, uqale ngokubonga abalandeli bomculo wabo ngokubeka leli culo kuleli zinga eselikulo.
“Ngibonge kakhulu kuKhuzani ”King Ndlamlenze“ Mpungose namaBlue Nation ephelele. Bafowethu ngiyabonga kakhulu, impela niyayimela into yenu, uthando eninalo liyamangaza. Kwande bafowethu, niqhubeke njalo niseseke,” kusho uJumbo osehlabane kwaze kwakabili nge-Song of the Year kumaSABC Crown Gospel Awards.
NoKhuzani, osehlukanise unyaka kwaze kwakabili oKhozini, ujabule kakhulu ngale mpumelelo yale ngoma maqede wazibongela “Nyana KaGoba Msenge Shuna Mashunana Sashuna Isilwane,” kusho uKhuzani odabuka eNkandla.
Leli culo elihlanganise isigqi somculo kamaskandi nezinhlamvu zomculo wokholo, liphume ngoSepthemba 13.