UKUPHUNYUKWA yiqatha leMTN8 esiwombeni sesibili ngeke kubathene amandla abeStellenbosch FC kepha kuzobahlumisa amaphiko.
Lawa amazwi asakuphaka impi ashiwo umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, esithangamini nabezindaba kulandela ukuguqiswa kwabo kowamanqamu, yi-Orlando Pirates ngo 3-1 ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Impoxo nobuhlungu bendlela okwenzeke ngayo uBarker uthe kuzobanika amandla okukhiphela isibhongo kule miqhudelwano emine abaseyingxenye yayo kule sizini.
Kube iStellies esiwabona kuqala amapali ngonyawo lukaLehlohonolo Mojela ngaphambi kokuthi baphendule, uMonnapule Saleng, Tshegofatso Mabasa noRelebohile Mofokeng.
UBarker akazange akufihle ukuphoxeka kwakhe ngakuchaze njengokwenzelwa phansi umuntu obenikwe amandla okuphatha umdlalo.
Lisuse umsindo igoli likaMabasa alishaye ngemuva kwe-free kick esuswe ngokushesha uMofokeng, ngesikhathi unompempe, u-Abongile Tom, esakhuluma nabadlali beStellies kade eshaye indweba. UMofokeng akachithanga sikhathi wamisa ibhola wase elisusa, walinika uMabasa olivalele phakathi umdlalo ususesikhathini sikanompempe.
“Ngicabanga ukuthi bekuwudlalo omuhle kakhulu, beziqhuthana kwaze kwafika esinqumeni esingachazeki, ukuthi i-free kick ingathathwa endaweni esondele ngamamitha amane noma amahlanu namali kodwa ibe yenze ngaphandle kwebhokisi, bese yonke leyonto ishintsha umdlalo. Bese ngilindele ukuthi umdlalo uye esikhathini esengeziwe. Bengibona siya ngokubangcono. Ngikholwa wukuthi ukube umdlalo uyile esikhathini esengeziwe besizoyiphakamisa indebe. Ngakho ngebhadi ngoMsombuluko ebusuku, esikhundleni sokuthi kukhulunywe ngomdlalo omusha namasu asetshenziswe amaqembu, kuzobe kukhulunywa ngesinqumo sikanompempe. Okuwukuthi wenze amaphutha amathath ngesinqumo esisodwa. Ngiphoxeke kakhulu,” kusho uBarker.
Nokho uthe akathandi ukugxila kakhulu kulokhu ngoba isaminingi eminye imiqhudelwano okumele bayilwele.
“Lolu laka esiluzwayo ngaphakathi ilona kanye okufanele silusebenzise njengesikhuthazi ukuze sizokwenza into ebonakalayo kule miqhudelwano esisanethuba kuyona,” kusho uBarker.
IStellies isamelwe ukuvikela iCarling Knockout Cup eyidlele enkundleni efanayo ngesizini edlule kanti nakwiCaf Confederation Cup isizifake kweyamaqoqo.
Ngesizini edlule, iStellies ibibalwa namaqembu asembangweni wezindawo eziphezulu kwi-log ngakho-ke nakulokhu ibhekwe okufanayo kanti kusazodlalwa neNedbank Cup.
“Kusemqoka ukuthi singavumi ukudikibaliswa ilokhu okwenzekile kepha sikhumbule okuhle okusibeke kuleli zinga esikulona,” kulandisa uBarker.
“Esesiphumelele ukukwenza kumasizini ambalwa adlule sekuyasicindeza ukuthi senze kangcono ngaso sonke isikhathi uma singena enkundleni.
“Kuzosiza ukuthi sisheshe sikudlulise ukuphoxeka kwethu ngoba kuningi okusimele kule sizini. Ngeke kwasisiza ngalutho ukuzikhotha amanxeba,” kusho uBarker.
IStellies izobuyela enkundleni ngo-Okthoba 19-20, lapho izobe ibhekene nezoqhathwa nalo kwi-last 16 yeCarling Knockout, ezothulwa ngokusemthethweni kusasa eGoli.