NKOSIKHONA CELE
OWESIFAZANE waseNquthu, umangaze abaningi ethumelela umndeni kamufi isimemo somshado, ethi uzoshada nebeyisoka lakhe elashona lingamlobolile futhi kungekho zinhlelo zomshado. Ugcine eshade ngempela.
UNksz Nompumelelo Ntuli odume ngelikaYayo, uhlele umshado wathumela amakhadi ezimemo emndenini kamufi, ewutshela ukuthi ushada nowayeyisoka lakhe uMnuz Hezekia Naledi Masiteng. Wabatshela ukuthi umshado uzokwenzeka emagcekeni asemzini’, yize bengazi lutho.
Umufi owayesembonini yamatekisi, wadutshulwa washona esendleleni ebheke emzini wakhe ngoJuni 5, 2020.
Lo mshado ochazwe abomndeni njengesekisi uqobo lwalo, uqhubekile emagcekeni alo mndeni kamufi.
Kuthiwa kuqale kwagxunyekwa inkunzimalanga yetende, okulandelwe wukuthi kufike izinkumbi zabantu, okungabangani nomndeni kaNksz Ntuli ekhaya likamufi.
Kuthiwa ubedlubhe ingubo yomshado kanokusho, ebanjwe ngengalo omunye wosomatekisi odumile endaweni, wena owabona indodakazi ibanjwe nguyise ngesandla iyoshada.
Indodakazi yakhe endala kuthiwa yiyona emfake izindandatho zombili.
Kuthiwa iqale yamfaka eyodwa kwesobunxele okuthiwe ngekamufi, yase imfaka enye esandleni sangokwesobunxele okuvele ukuthi ngeyakhe umakoti, abezoyifaka esandleni sikamufi ukube ubesadla anhlamvana.
Kuvela ukuthi umfowabo kaYayo obemshadisa ekubeni engesiyena umfundisi.
Ilungu lomndeni kamufi elikhulume neSolezwe Ngempelasonto, uNksz Lebatshi Masiteng libabaze isibindi salo wesifazane sokuthi aqhubeke nalesi simanga somshado.
"Iyasicika lento ayenzayo futhi asikaze thina siwubone umsangano onje. Kuyacaca ukuthi bese kuwukusidelela lokhu okunenkani phakathi,'' kukhalaza leli lungu.
Umufi kuthiwa washona enenqwaba yamatekisi, okumanje amile ngoba izimvume zokuba semgwaqeni azivuselelwe. Kudinga zivuselelwe owomndeni noma unkosikazi wakhe.
Liqhuba lithe lifuna ukubona ke ukuthi njengoba eseshadile lokhu kuzomkhipha yini enkingeni abhekene nayo yokuma kwamatekisi kamufi.
Lama tekisi kuthiwa lo ‘makoti’ wawashaqa, angakuye.
"Nanka amehlo akake umbombo, sifuna ukubona ke ukuthi lo mshado wakhe uzomsiza kuphi futhi kanjani,'' lisho kanjena.
Kuvela ukuthi emshadweni bekungena kuphela abamenyiwe. Ezokuphepha beziqinile, ngaphandle kumi amadoda amahlanu abehlome ngezinhlokohlela zezibhamu.
Imizamo yokuxhumana nalo wesifazane ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe lubanjwe ngunina wathi akekho eduze kwakhe. Phambilini uNksz Ntuli wathi lokhu ukwenza ngaphansi kombandela wesintu.
"Wena angithi unguMzulu? Le nto ngokwesintu ike yenziwe. Kodwa ngeke ngitshele wena ukuthi kungani ngenza lo mshado,'' waphendula kanje ecikeka.
Isazi sezomthetho, u-Advocate Mpumelelo Zikalala sakuchitha lokhu sathi ngeke ibe khona incwadi yomshado ngoba kumele kube ukuthi abantu ababili abasadla anhlamvana, bavumelene ukuthi bayashada.