UBABAZA unya umphakathi ngemva kokutholakala izicubu zomzimba womuntu zifakwe ko-plastiki abehlukene abasetshenziswa ukufaka imfucuza elahlwayo, zilaxazwe endaweni okulahlwa kuyo imfucuza eMawoti, eNanda ngoLwesihlanu.
Lesi sigameko esishiye abaningi bedangele, kuthiwa ilungu lomphakathi ebeliziqhwandela libheka okulahliwe elingase likusebenzise, lizithele ku-plastiki okufakwe kuwo ikhanda lomuntu kanti buqaqama, bekukhona omunye ofakwe imilenze emibili eqotshwe yahlukaniswa kabili kusuka emanyongeni nangezansana kwamadolo. Leli lungu lihlabe umkhosi, kwabikelwa abenkampani yonogada i-Reaction Unit of South Africa namaphoyisa.
Nakuba umphakathi ubusashaqekile ngalesi sigameko kodwa ukholwa ukuthi umufi ubulawelwe kwenye indawo wayolaxazwa abathile endaweni ngenhloso yokudukisa umkhondo.
UMnuz Mbongiseni Phewa osekomitini elilwa nobugebengu endaweni, ekhuluma neSolezwe, uthe iningi lamalungu omphakathi afikile ukuzozibonela umufi ngoba ubuso bakhe bebusabonakala kodwa kwacaca ukuthi akekho omaziyo.
“Isimo esinjengalesi sesiqala ukujwayeleka lapha eMawoti, othola khona ukuthi abantu babulawa bezolaxazwa khona. Lokhu kugcina kudumisa kabi indawo yethu evele ibatshazwa ngobugebengu. Sikholwa ukuthi ubulawelwe kwenye indawo ngoba uma ubheka alikho igazi kanti nezinsalela zesidumbu bezingakonakali okukhombisa ukuthi yinto obekusaphele amahora ambalwa yenzekile,” usho kanje.
Ngesikhathi Isolezwe litheleka endaweni yesigameko, amalungu omphakathi abesami izixongololo bebodwa abebesababaza, abanye besondela ngenhloso yokubona ukuthi akusiyena yini umuntu owaziwayo noma isihlobo.
Okunguyena okuthiwa uthole lezi zicubu ubengasekho endaweni yesigameko njengoba kuthiwa utholwe abanye babahlala emgwaqweni.
Okhulumela abakwa-Rusa, uMnuz Prem Balram, uthe ngesikhathi onogada babo betheleka endaweni yesigameko ngabo-8 ekuseni emva kokubizwa, amalungu omphakathi abakhombise oplastiki ebafakwe lezi zingxenye zesidumbu.
“Izingozi ekhanda likamufi zikhombisa ukuthi uqale washaywa ngaphambi kokuthi abulawe. Imilenze beyiqotshiwe, kanti ebangeni elingaphansi kwamamitha awu-500 ukusuka lapho kutholwe khona lezi zingxenye zomzimba, kutholakale esinye isicubu sesitho sangasese sowelisa silaxaziziwe,” usho kanje.
Uveze ukuthi eduze kwezinsalela zesidumbu, kutholwe ijakheti yengane encane nengubo yokusonga ingane enegazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseNanda, aphenya icala lokubulala emva kokutholakala kwezingxenye zomzimba zomuntu ongaziwa. Uthe abasolwa abakaziwa okwamanje.