UTHUSHUKE kwiMaritzburg United kungalindele muntu uMfanafuthi Mkhize (25) ongumunye wabadlali abasanda kukhonjwa indlela AmaZulu.
Lesi sitobha, esiyibamba ohlangothini lwesinxele, sixoshwe kanye noTercious Malepe, Siphesihle Maduna, Sibusiso Mabiliso noMxolisi Kunene. Besifike oSuthwini ekuqaleni kwale sizini siphuma kuThongathi kwiMotsepe Foundation Championship. Size sahamba kuleli qembu, elicijwa nguPablo Martin waseSpain, singadlalanga nowodwa umdlalo.
Akucaci ukuthi uMkhize usayine inkontileka yasikhathi esingakanani.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, ubefike ngesonto eledlule ukuzozama inhlanhla kwiTeam of Choice. Kubukeka ebachazile abaqeqeshi, uSimo noPitso Dladla, njengoba bebehambe naye emdlalweni weCasric Stars izolo, eGiyani Stadium, eLimpopo. IMaritzburg ibibhekene neCasric Stars.
Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kuleli qembu likaFarouk Kadodia uziqinisekisile izindaba zokusayina kukaMkhize.
"Okwamanje ngeke ngikwazi ukukhuluma ngoba silungiselela umdlalo neCasric. Yebo, kuliqiniso ukuthi uMkhize usayinile. Sinaye lapha eLimpopo," kubeka umthombo.
UKadodia ukuvumile ukuthi ukhona uMkhize eqenjini lakhe. Nokho akaphumelanga obala ngokuthi usayinile noma cha. Ngokusayina kwiMaritzburg, uMkhize ulandele uNkanyiso Madonsela obedlala kwiSekhukhune United. Kwesokunxele emuva laba ijezi bazolibanga noZikile Kewuti obuye adlale esiswini.
UKadodia uveze ukuthi ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) libasize kakhulu. Bakwazile ukuqinisa amabhawodi abexega. Leli qembu liwusonge kabi unyaka odlule njengoba lishaywe emidlalweni emibili kulandelana. Ngesikhathi kufika uPitso, lesi sikhulu satshela leli phephandaba ukuthi sinethemba lokuthi ukuzwana kwakhe noSimo kuzolibuyisela kwiDStv Premiership iqembu laso.
"Kuzoncika ekutheni senza kanjani kule midlalo esisalele. Sonke siyavumelana ngokuthi sizobuyela esigabeni esikhulu inqobo nje uma sizolandela uhlelo esiludwebe phansi ngesikhathi sekhefu le-Afcon. Kuzomele singaxhamazeli. Siyakuqonda ukuthi akuyona yonke imidlalo esizokwenza kahle kuyo," kubeka uKadodia.
NgoMgqibelo iTeam of Choice izobhekana nomkhaya bayo, iMilford, ngo-3.30 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.