AKUHAMBANGA kahle emaqenjini esizwe ekhilikithi akuleli njengoba womabili ekhale ngaphansi emidlalweni ayidlalile ngoLwesithathu.
Iqembu lesizwe labesilisa linqotshwe yi-Afghanistan ngamawikhethi ayisithupha kowokuvula uchungechunge lwe-One Day Internationals eSharjah Cricket Stadium e-United Arab Emirates.
AmaProteas abhethe kuqala akhishwa wonke esahlanganise ama-run angu-106. I-Afghanistan ifinyelele kuma-run angu-107 kuma-over angu-26 isalahlekelwe amawikhethi amane.
Umdlali wamaProteas, uWiaan Mulder, owenze kangcono eshaya ama-run angu-52, uthe kubajabhisile ukuba yiqembu lokuqala lakuleli ukunqotshwa yi-Afghanistan.
“Kubi kakhulu, uma sikhuluma iqiniso. Noma ngabe wenze kahle kangakanani kodwa uma iqembu lihluliwe awukwazi ukujabula. Uma umele izwe lakho usuke uzimele wena, umndeni wakho nabo bonke abantu,” kusho uMulder.
“Kubuhlungu kakhulu futhi akuthumeli umyalezo omuhle kubantu abasesekayo nalabo abenze ukuthi sibe lapho sikhona. Siphatheke kabi kodwa futhi yinto esingayisebenzisa njengesikhuthazayo ukuze senze okungcono emdlalweni olandelayo. Kufanele sizinikele ngakho konke noma ngabe izimo zinjani, sizame ukuthola indlela yokunqoba umdlalo.”
AmaProteas ne-Afghanistan bazophinde babhekane enkundleni efanayo ngoLwesihlanu ngo-2 ntambama. Umdlalo wokugcina walolu chungechunge ungeSonto ntambama.
Ukaputeni uTemba Bavuma, ongadlalanga ngenxa yokugula, useqalile ukuzilolonga futhi kubhekwe ukuthi abuye emdlalweni wesibili.
Khonamanjalo, iqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane nalo linqotshwe yiPakistan ngama-run angu-13 emdlalweni wesibili wochungechunge lwe-T20 obuseMultan Cricket Stadium edolobheni, iMultan, ePakistan.
Iqembu lasekhaya lishaye ama-run angu-181 kuma-over alo angu-20, lalahlekelwa amawikhethi amane. Iqembu lakuleli likwaze ukuhlanganisa angu-168 kuphela, sekukhishwe abadlali abane.
AmaProteas awunqobile umdlalo wokuqala kulolu chungechunge okuchaza ukuthi lawa maqembu asebambene ngo 1-1.
Umdlalo wokugcina ozonquma ukuthi yiliphi iqembu elizodla umhlanganiso usenkundleni efanayo ngoLwesihlanu ngo-7 ekuseni.