INKAKHA yaMaZulu FC nelungu leKwaMashu Legends, uJoel “The Horse” Faya, ithi beyizinkakha zaKwaMashu, eThekwini, babone kunesidingo sokuthi kusungulwe iligi yebhola lezikole zakuleli lokishi, kunokwethembela kuphela emiqhudelwaneni engaphansi koMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.
UFaya ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngenkathi kwethulwa ngokusemthethweni abaxhasi beligi yebhola lezikole zaKwaMashu, eyaziwa ngeCity Logistics Safa KwaMashu Legends Schools League, emcimbini obuseKwaMashu Indoor Sports Centre.
Le ligi yebhola lezikole zaKwaMashu ebophele izikole ezingu-12 zaselokishini iqale ngo-Ephreli 21, izosongwa ngowamanqamu ngoJuni 2, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“Ukufadabala kwebhola ezikoleni kusenze sahlala phansi njengeKwaMashu Legends, sabona kunesidingo sokuthi sisungule iligi yebhola lezikole, ukuze izingane zikwazi ukudlala njalo futhi libuye nesasa lokudlalwa kwebhola ezikoleni zaselokishini.
“Iqiniso wukuthi yize ikhona imiqhudelwano engaphansi koMnyango wezeMfundo enjengoKay Motsepe Schools Cup neminye kodwa akuzona zonke izikole ezihlomulayo kuyo.
Lokhu kungenxa yokuthi imiqhudelwano yoMnyango ngeyomkhumulajezi, okusho ukuthi uma isikole esithile sisheshe saphuma, abafundi bakhona sebezohlala isikhathi eside bengadlali balinde unyaka ozayo ukuze badlale futhi,” kucacisa uFaya.
Le nkakha isho kanjena nje, nayo ibalwa nabanye omakadebona bakuleli lokishi abakhiqizwa yibhola lezikole eminyakeni edlule. Lapha kubalwa kuzo uHenry “Mthofi” Khumalo, Muthi “Medicine” Ngobese, David “Majuba” Magwaza, Lucky “Oskhosh” Molefe, Tsepo Ntsoane, Ngcebo “Malombo” Sibiya noSiyabonga “Bhele” Nomvethe nabanye.
U-Anthony Naicker, ongumqondisi kwaCity Logistics, okuyinkampani engabaxhasi beKwaMashu Schools League, uthe babone kufanele belule isandla emphakathini bengabheke nzuzo, ngenhloso yokunika intsha ithuba lokudlala.
“Yize isimo somnotho sibheda yonke indawo ikakhulu kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal ngenxa yeCovid-19 nezibhelu zikaJulayi nyakeny, nezikhukhula zakamuva kodwa sibone kunesidingo sokuthi selule isandla ngokulekelela intsha yakuleli lokishi ngokuthi ikwazi ukudlala.
Ibhola lezikole lenza umehluko omkhulu ekutheni abafundi babe nayo into ebagcina bematasa ngaphandle nje kwezifundo. Bangagwema ukuthi baze bazithole sebebandakanyeka ezenzweni ezingalungile njengezidakamizwa nokunye,” kusho uNaicker.
ICity Logistics ixhase izikole ezibambe iqhaza kulo mqhudelwano ngezinsiza kudlala okubalwa kuzo amajezi ebhola, amabhola, izindodo nenkomishi ezowinwa yisikole esizodla ubhedu kowamanqamu.
Kwenzeka lokhu nje imidlalo yebhola lezikole engaphansi koMnyango wezeMfundo eyisiSekelo nehlelwa yiSouth African Football Association (Safa) kuzwelonke, ikhuze ibuya kulo nyaka ngemuva kweminyaka emibili ingadlalwa ngenhla yokuvalwa kwezwe ngoMashi ka-2020 kulandela ukudlanga kweCovid-19.