KUNGASE kucace ngoLwesihlanu mayelana neqembu elizobhekana ne-Orlando Pirates, koweLast 32 yeNedbank Cup.
Ngesikhathi kuqhathwa amaqembu emasontweni edlule, eZimnyama zitonyulwe neqembu laseMpumalanga. Nokho akuzange kucace ukuthi zizobhekana naliphi iqembu. Ngesonto eledlule iPremier Soccer League (PSL) ikhiphe izinsuku, izikhathi nezinkundla okuzodlalelwa kuzo imidlalo yeNedbank Cup. Kodwa besilokhu singashintshile isimo sePirates okufanele ivikele indebe eyinqobe ngesizini edlule ngemva kokwehlula iSekhukhune United, ePitoli.
Lokhu kungenxa yecala eliqhubeka phakathi kweCrystal Lake edlala kwiHollywoodbets Men's Regional League, neMiddleburg United egijima kwi-ABC Motsepe League yaseMpumalanga.
Emdlalweni wokugcina wokuhlungela ukungena kwiLast 32, kunqobe iCrystal Lake ngo 1-0.
Ngemuva komdlalo iMiddleburg ifake icala, ikhala ngokuthi iCrystal ibihlalise i-physio obekungeyona eyibhale ohlwini ebiluthumelile, ebhetshini.
UBevan Mahlangu, ongusihlalo weSouth African Football Association (Safa), eMpumalanga, utshele Isolezwe ukuthi umahluleli ozimele ulihlalelile icala ngoLwesine olwedlule. Uthe liqale ukuqulwa ngo-5.30 ntambama kwaze kwaba u-1 ekuseni ngoLwesihlanu zishukana.
Uqhube wathi ngemuva kwalokho umahluleli ozimele uyalele amaqembu ukuthi ungashayi uLwesithathu engawalethanga amaphepha anamaphuzu aqinile ngaleli cala.
Uveze ukuthi icala lizophinde lilalelwe ngoLwesihlanu.
"Sethemba ukuthi ngoLwesihlanu umahluleli ozimele uzokwazi ukusikhipha isinqumo ukuze impilo iqhubeke. Kulukhuni ukusho ukuthi kuzoba sinqumo esinhloboni. Kuphakathi kokuthi uyaphindwa umdlalo noma kuba neqembu elizonikezwa igunya lokudlala kwiLast 32," kubeka uMahlangu.
Uqhube wadalula ukuthi selokhu aqala ukuba ebholeni uyaliqala icala lokumangalelana ngokuthi elinye iqembu lilethe omunye udokotela.
Nakuba uMahlangu ekuqinisekisa ukuthi icala lizolalelwa ngoLwesihlanu kodwa kungenzeka liqhubeke uma kukhona uhlangothi olunganelisekile. Lokhu kungenzeka kugcine kuphazamisa izinhlelo zabaxhasi iNedbank, nezeligi iPSL.
IPirates kumele idlale owe-Last 32 ngoFebhuwari 20, ekuhambeni eMbombela Stadium.