UBANJWE ebhace emfuleni onehlathi elincane owesilisa obhokode ngommese unina nabanye bomndeni abayisithupha eBethany, eBergville, ngoMgqibelo ebusuku, kwashona abahlanu.
Kubikwa ukuthi lo wesilisa oneminyaka engu-33, uhambe nomalume wakhe baya emzini ongumakhelwane.
Kuvela ukuthi baphinde babuya, kanti umsolwa uzofica unina ehleli egumbini lokuphumula namanye amalungu omndeni.
“Umsolwa ubone ummese obukade ukusofa, wawuthatha wagwaza unina ngawo kodwa wakwazi ukuphuma endlini abaleke. Ube esejikela kumalume wakhe, wamgwaza washona ezama ukubalekela emzini kamakhelwane,” kusho okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda.
UNetshiunda uthe umsolwa uphinde wagwaza wabulala owesifazane obekade ephila nokukhubazeka nezingane ezimbili - eneminyaka emibili neneyisithupha. Kuthiwa umsolwa ubuye wagwaza wabulala owesifazane osekhulile obevakashele kubo.
“Unina kamufi nengane yentombazane eneminyaka emine bagwazwe amanxeba amaningi kodwa basindile. Udadewabo kamsolwa nengane yakhe enonyaka basinde ngokulambisa,” kusho uNetshiunda.
Uthe umsolwa uboshiwe wathweswa amacala amahlanu okubulala namabili okuzama ukubulala. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseBergville, ngoLwesibili.
Ikhansela lendawo, uMnuz Tito Khoza, lichaze umsolwa njengomuntu obhema insangu, ohluphayo futhi onezigigaba zokuhlupha.
UKhoza ulandise wathi ushayelwe ucingo ngowomndeni ngabo-9 ebusuku, emazisa ukuthi umsolwa uyabagwaza bayisikhombisa.
Ikhansela lithe lifike emuva kwemizuzu emithathu kulo muzi obiza isibongo esifana nesalo, elakhelene nawo futhi eliwuthatha njengomndeni.
“Bekucishwe ugesi abantu bonke bengaphandle, unina kamsolwa nengane eneminyaka emine bopha. Bangitshele ukuthi umsolwa usengaphakathi endlini, ngangena nabantu ekade ngihamba nabo samcinga, sangamthola,” kuchaza uKhoza.
Uthe bacinge amaswishi kagesi bawathola, base bekhanyisa, nokuyilapho bebone khona ababulewe belele phansi kodwa besashisa ngoba bekuyinto ebikade isanda kwenzeka.
Uyichaze indawo yesigameko njengebinyantisa igazi.
“Kwabashonile kube umamkhulu kamsolwa, umalume wakhe, owesifazane okhubazekile nabashana bakhe ababili. Ingane encane ebulewe ibisafaka inabukeni, igwazwe amathumbu ayo aphumela ngaphandle, ilele phansi ngakusofa. Enye eneminyaka eyisithupha ibilele kuvelanda, ubona ukuthi ibizama ukubaleka kwangenzeka,” kulandisa uKhoza.
UKhoza uthe eduzane kukasofa bekunesidumbu sikamamkhulu nesowesifazane ohamba ngesihlalo esinamasondo, esikamalume kamsolwa sisephaseji eliphumela kwamakhelwane.
Ikhansela lithe libe seliphuthumisa emtholampilo wendawo unina kamsolwa nengane eneminyaka emine ebekade belimele kanzima.
“Ngibuye lapho saqhubeka sacinga umsolwa. Angilalanga elokhu ecingwe izolo (ngoMgqibelo) size samuthola (ngeSonto) ngokubambisana nomphakathi.
Ubecashe emfuleni onehlathi elincane. Ubonwe umfana olusa izinkomo kwawuyena ohlaba ikhwelo, kwasho ukuthi sicingela ngakhona, sakwazi ukumbamba nalaba ebengihamba nabo ngemoto, amaphoyisa abeseduze,” kuchaza uKhoza.
IMeya kaMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, ikuchaze njengenhlekelele okwenzeke kulo mndeni.
UMlotshwa uthe uzoyithinta iminyango kahulumeni ukuze iluleke umndeni, othisha nezingane zesikole eThokoza High eyakhelene nomuzi.
“Sizoya kohlanganisa amehlo nomndeni ngoMsombuluko. Sekuyinhlekelele lena, into engejwayelekile. Umasipala kumele usukume ulekekele kuze kuyofika ekufihlweni. Sifuna (umsolwa) anganikwa ibheyili aboshwe, abolele ejele,” kusho uMlotshwa.