UKUSHAYELE elikhulu uhlombe ukusebenza kwamaphoyisa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, kulandela ukubulawa ngamaphoyisa kwabanye abasolwa ababili ngoMgqibelo, abathinteka esigamekweni sokuqothwa komndeni eHlokozi.
Abasolwa kuthiwa basale enkundleni emva kokudubulana namaphoyisa eMlaza, eThekwini. Kuvela ukuthi abasolwa batholana phezulu namaphoyisa nje, bebesendleleni ukuyogeza isinyama enyangeni eMlaza. Kubona kuvela ukuthi kukhona nesihlobo ebesisolwa ngokuba sekhaleni esibhicongweni esadlula nemiphefumulo yabayisikhombisa ngasekuqaleni kukaSepthemba.
Kubona kwakukhona umama wekhaya uNkk Bahlakaniphile Khambule (64), indodakazi yakhe uPhilile (39), umalokazana uNompilo (34), isihlobo uSikhumbuzo Khambule nabazukulu uLisa (9), Siphosethu (9) noZemvelo (5).
UNtuli uthe uyakuncoma okwenziwe izinhlaka zomthetho ngokubulala abanye abasolwa.
“Muhle umsebenzi owenziwe amaphoyisa. Ithimba lamaphoyisa eliboshelwe ukusebenza leli cala, lenze umsebenzi oncomekayo,” kusho uNtuli.
Nokho uveze ukuthi kusafanele aqhubeke nokusebenza amaphoyisa ukuze kutholakale labo ababethume abasolwa ukuthi bayoqotha imbokodo nesisekelo kwaKhambule, wanxusa nomphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa kuleli cala ukuze kwenzeke ubulungiswa obuphelele.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshuinda, abasolwa badutshulwe emva kokuba bevulele ngenhlamvu emaphoyiseni esikhundleni sokuma njengoba abebayalele ukuthi bamise imoto ebebehamba ngayo endaweni yesigameko.
“Kuvele imibiko yokuthi bebesendleleni beyogeza, babhadanywe amaphoyisa besesemgwaqweni u-Old South Coast, eMlaza,” kusho uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa ngesikhathi esesha imoto yabasolwa athole izibhamu ezimbili, okuthe uma zibhekwa, zayamaniswa nesigameko saseHlokozi.
NgoLwesibili olwedlule, omunye umkhondo wamaphoyisa ngenhlekelele yaseHlokozi, waholela ekutheni amaphoyisa adubule abulale abasolwa ababili.
Kuleso siwombe kwagcina kushona nowesifazane owayesemotweni yabasolwa, kwathi umsolwa oyedwa owayesemotweni naye, wadla phansi.
Nakuso lesi sigameko amaphoyisa aveza ukuthi abasolwa bavele badubula bebhekise kuwo ngesikhathi ebamisa, nawo ase ebuyisela ngalo izulu lezandla.
Ucingo lwesihlobo, uNksz Dudu Khambule, lukhale lwaze lwayeka sithintwa ukuze siphawule.
Umthombo weSolezwe, uthe kuye ngamagama enkehli, amaphoyisa ethela othulini nesihlobo ngesikhathi kunokudubulana phakathi kwawo nabasolwa eMlaza.