LISEKHONA ithemba kwabeseCongo lokuziphindiselela kwiBafana Bafana kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ngokusho komqeqeshi waleli qembu u-Isaac Ngata, nokaputeni uSilvere Ganvoula.
La mazwe azobhekana namuhla kukaGroup K ngo-6 ntambama, e-Alphonse Massemba-Débat Stadium, eBrazzaville.
Ngesikhathi lawa maqembu ebhekene eMandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoLwesihlanu, iqembu lakuleli libukise ngeRed Devils, liyiqumba phansi ngo 5-0.
KuGroup K kuqhwakele i-Uganda neBafana ngamaphuzu ayisikhombisa. ICongo isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu bese emsileni kuhlala iSouth Sudan ngeqanda.
“Umphumela ube mubi kakhulu. Ngiyakuqonda futhi ngiyakwamukela lokho. Ngesikhathi siziqeqesha sigxile ekuqaleni umdlalo ngomfutho. Uma sivumela abadlali baseNingizimu Afrika, ukuthi badlale sizolimala,” usho kanje uNgata kwi-vidiyo ephanyekwe ekhasini leCongolese Football Federation.
“Sifuna ukuwunqoba lo mdlalo ngoba uma sikwenza lokho konke kuzobe kusasezandleni zethu. Uma sithola umphumela ohlukile izinto zizobe zingasancikile kithina. Inhloso yethu wukuthola amaphuzu amathathu ekhaya. Umphumela womdlalo wokuqala ubungemuhle kodwa sisasemjahweni futhi kufanele siqhubeke nokulwa.”
Ngaphandle kwalo mdlalo neBafana, iCongo isazodlala neSouth Sudan ekuhambeni ne-Uganda ekhaya ngenyanga ezayo.
Ukaputeni uGanvoula uthe uma bengabuya namaphuzu aphelele kule midlalo basengakwazi ukuzibekisela indawo kwi-Afcon ezodlalelwa eMorocco, ngonyaka ozayo.
“Sisanethemba. Sisalelwe yimidlalo emithathu, ngakho-ke luselude uhambo olusisalele. Kuyiqiniso ukuthi okwenzeke eNingizimu Afrika, kuyadumaza futhi kuyalulaza kodwa kufanele singadikibali. Sizoqhubeka nokusebenza kanzima,” usho kanje.
ICongo, eyadla isicoco se-Afcon ngo-1972, yagcina ukudlala kulo mqhudelwano ngesikhathi use-Equatorial Guinea ngo-2015, yafinyelela kuma-quarterfinal.