UFIHLWE esebuya ezweni iNigeria owesilisa wakwa-G eMlaza, kuphambana izidumbu emakhazeni aseThekwini, i-Wyebank Funeral Services.
UMnuz Sifiso “Ncence” Zibane (50) obekumele angcwatshwe ngoMgqibelo, ugcine esengcwatshwa ngeSonto.
Umufi washona engozini yomgwaqo enkabeni yeTheku, evukwa isifo sokudlikiza eshayela.
Indodakazi yakhe, uNksz Olwethu Zibane, ithe umndeni ithole ngale nsambatheka ngoLwesihlanu ntambama, izihlobo ziyolanda isidumbu.
“Bafike bakhonjiswa isidumbu somuntu esingamazi, ebese silungisiwe, safakwa kahle ebhokisini. Babone zisuka nje ukuthi akusiye ubaba,” kusho uNksz Zibane.
Uthe emva kokuveza ukuthi abamazi lo muntu, izisebenzi ebezikhona zishayele esinye esalanda uZibane emakhazeni kahulumeni ePhoenix, sona sathinta umnikazi wamakhaza, kwavela izinsolo zokuthi uyiswe eNigeria.
UNksz Zibane uthe abamakhaza bagcine beqinisekisa ukuthi wuye uZibane oyiswe eNigeria, wathi kuvele ukuthi wahamba ngoLwesibili.
Uthe udlule ezikhumulweni zezindiza ezehlukene, okukhona kuzo iKing Shaka, OR Tambo nesaseNigeria.
“Ngesikhathi okuvele ngaso ukuthi kuhanjiswe umuntu ongafanele, sizwe kuthiwa ubeqeda kufika esikhumulweni sezindiza saseNigeria,” kubeka uNksz Zibane.
Uthe kuphoqe ukuthi kuxhunyanwe nge-video call ukuze baqinisekise ukuthi wuye ngempela uyise lo ozobuyiswa eNigeria.
Ukhale ngobudedengu obungachazeki kwabamakhaza.
“Izihlobo zike zaya emakhazeni ekuqaleni kwesonto, zabuya zigculisekile ngokuthi unombolwe kahle ephepheni elifakwa kubhozo wesidumbu. Belinemininingwane eqondile kababa, ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi agcine eseyiswa eNigeria, asazi,” kusho yena.
Uphinde wathi okunye okwenza basole abamakhaza ngobudedengu, ukuthi lesi sidumbu somuntu waseNigeria, bathole ukuthi wayefe ngokudutshulwa.
“Bamphambanisa kanjani umuntu onamanxeba okudutshulwa nomuntu ofe ngengozi yemoto?” kubuza uNksz Zibane.
Uphinde wahlaba eyokuthi bathole ukuthi lona waseNigeria wayelokhu efakwe kula makhaza ngoSepthemba, ewumuntu ongaziwa.
“Bamphambanise kanjani nomuntu ongeniswe emakhazeni ngo-Okthoba futhi obaziwa ukuthi ungubani wakwabani?”
Uthe okubaphatha kabi ukuthi bezwe kuthiwa izihlobo zikamufi waseNigeria bezihlela ukuthi zifike zimshise “othandiweyo wazo” uma efika.
“Bacishe bashisa ubaba. Asazi besizoba yini ukube kugcine kwenzeke kanjalo,” usho kanje.
Uphinde wakhala ngokungasingathwa ngozwelo kodaba sekutholakele ukuthi kwenzeke iphutha, ethi kukhona lapho esinye isisebenzi esivele sabatshela ukuthi “Uma ebuya, uyabuya. Uma engabuyi, uyobe akabuyi”.
Uthe kuphoqe ukuthi baqhinqe emahhovisi amakhaza kuMoore Road, nakuba sisheshe sabuya isidumbu sikayise.
Udalule ukuthi ngaphambi kokuthi umndeni, abangani nosomatekisi (njengoba umufi ebesembonini) bavuke umbhejazane, basabise ngokulingqongqisa ngomlilo ihhovisi lamakhaza, bebetshelwe ukuthi kuzothatha isonto lonke ukuthi umufi abuyiswe.
“Sifuna ukubafaka icala ngabakwenze kithi. Bukhulu ubuhlungu abasizwise bona. Izihlobo esezikhulile kumanje ziyagula ngenxa yalesi sigameko. Nobaba wethu bamhlukumezile bemehlisa bemenyusa. Thina singabantu abamnyama, siyayazisa indaba yokuhlonishwa komuntu osethule,” kubeka uNksz Zibane.
Uveze nokuthi umndeni uzoligqabula igoda leminyaka lokusebenzisa phakathi kwawo nabamakhaza.
Kuthintwa abamakhaza bathe sebelulekwe uphiko lwawo lwezomthetho ukuthi bathunyelelwe ulwazi iphephandaba elinalo ngodaba nge-email okuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingakaphendulwa.