UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, ujatshuliswa wukubuya kwabadlali abebelimele ngaphambi komdlalo wokuvula unyaka u-2023.
IThwihli Thwahla iwuvale kabi unyaka ibhaxabulwa ngabakhaya bayo, AmaZulu, ngo-3-0 koweDStv Premiership.
Ngaphambi kwalo mdlalo, beyibambane ngo 0-0 neMoroka Swallows.
Ukunqoba yakugcina ekuqaleni kukaDisemba, ihlula abanye abakhaya bayo, iRichards Bay.
Lesi simo sokuhlulwa ngamaphuzu sesiyithathe sayibeka emaqenjini asemsileni.
Leli qembu likaShauwn " MaMkhize" Mkhize, lisendaweni ka-14 kwi-log yePremiership, ngamaphuzu awu-18, emidlalweni ewu-15. Libambene ngamaphuzu neChippa United esendaweni ka-14. UMaduka obezwakala ekhululekile emoyeni, uthe wethemba ukuthi bazokwenza kahle emzuliswaneni wesibili weDStv Premiership.
I-AM ibenekhefu elihle njengoba bekune-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwe ngempelasonto edlule, e-Ivory Coast.
" Kuyangijabulisa ukuthi sizoqala lo nyaka esebuye wonke amasosha abelimele. Kuyintokozo ukubuya kukaKhethukuthula Ndlovu, Zukile Mkhize, Levy Mashiane noPatrick ( unozinti, uNyame). Sibe nekhefu elihle, sakwazi ukulungisa amaphutha asibeke kule ndawo engeyinhle okumele sisuke kuyona ngokushesha," kubeka uMaduka.
Ezakhe zizovula unyaka ngokubhekana neKaizer Chiefs, ngoSonto, ngo-3.30 ntambama eHarry Gwala Stadium.
Ngakolunye uhlangothi AmaKhosi avale unyaka odlule ngegiya eliphezulu. Emidlalweni emine anqobe emithathu. Alele endaweni yesithupha ngamaphuzu awu-24 emidlalweni ewu-16. UMaduka uthe kuzoba umdlalo onzima futhi ozodla ngamaqhinga.
" IChiefs idle ngabadlali abanejubane futhi abasheshayo ekumakeni. Kumele siqaphela uma siya phambili. Kumele sibhalansise indlela yethu yokudlala ukuze uma silahle ibhola silibuyise ngokushesha. Siwulungele ngokuphelele lo mdlalo. Uma ufuna ukuhlonishwa nokuba yiqembu elenza kahle kubululekile ukudlala nezingqwele. Yingakho kukuhle ukudlala namaqembu afana neChiefs akunika inselelo yezinga elifanele".
Lo mqeqeshi odabuka eMalawi ucele abalandeli babo ukuthi baphume ngobuningi.
"Siyethemba ukuthi abalandeli bethu ngeke basiyekelele kwabeChiefs. Sithemba ukuthi nabeThwihli Thwahla bazoqhubeka nokusixhasa. Bakhathula indima enkulu endleleni esidlala ngayo," kusho uMaduka.