UNOZINTI obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwi-SuperSport United, uRicardo Goss, uphumela obala ngobunzima kokungadlali uma la maqembu ebhekene ngenxa yomthetho wama-Brazilians okuvela ukuthi isikhulu saMatsatsantsa siwuphikisile kulokhu.
UGoss (30), owakhulela enkulisa ye-Lamontville Golden Arrows, uzoqala isizini yesithathu kwi-SuperSport kusukela ajoyina iSundowns esuka kwi-Bidvest Wits ngesizini ka-2020/2021.
Kumasizini amabili adlule, ubengadlali uma iSuperSport ibhekene ne-Sundowns ngenxa yombandela wama-Brazilians ovimbela abadlali ababolekisile ukuthi babhekane nawo enkundleni.
ISundowns ikhokha ingxenye yemiholo yabadlali ebabolekisile. Kuvele ukuthi isikhulu esiphezulu se-SuperSport, uStan Matthews, siwunqabile lo mbandela ngesikhathi kuxoxwa eyokubolekana uGoss, sathi singamane siyeke ukumboleka lo nozinti uma engeke adlale uma bedlala neSundowns. Kuthiwa iSundowns igcine igobe uphondo.
“Ngithe uma engeke adlale uma sibhekene nabo, akuyekwe. Ngeke sonke isikhathi uma ngidlala neSundowns ngidlalise isikimu esingaqinile. Lokhu akulilungele iqembu lami, akululungele uhlelo lwethu. Akukwazi ukuthi njalo uma ngidlala umdlalo omkhulu, abadlali abathize abadlali. Yingakho ngingababolekanga abanye abadlali be-Sundowns. Kodwa ngicabanga ukuthi ku-Ricardo yinto enhle. Uma ungekho ezingeni lokudlala kwi-Sundowns, kungani ubakhathaza?” kusho uMatthews ku-Farpost.
Ukuqinisa ikhanda kuka-Matthews kusho ukuthi uGoss uzoba sezintini uma iSuperSport isibhekene ne-Sundowns emdlalweni weligi wokuvula isizini ye-Betway Premiership ngoSepthemba 17.
“Angikatshelwa ukuthi ngizovumeleka ukudlala kulokhu. Kodwa ukungadlali uma sibhekene ne-Sundowns bekungehli kahle. Ngaphandle kokuthi bengiphuthelwa wumdlalo omkhulu kodwa bekuwuphazamisa umgqigqo wami ngoba bengibekwa ngaphandle kusukela emidlalweni ewandulelayo ngenhloso yokulungiselela omunye unozinti ngoba ngeke eqhamuke esedlala kowe-Sundowns. Lokho bekusho ukuthi sekufanele ngiqale phansi ngilwele ukubuyisa ijezi. Uma kuwukuthi amaqembu avumelene ngalokho, kusho ukuthi ngizokwazi ukudlala isizini yonke,” kusho uGoss.
Ukuhanjelwa yiminyaka kuka-Denis Onyango nokufakwa ethimbeni labaqeqeshi kukaKennedy Mweene, bekubhekwe ukuthi kuzomvulela indawo uGoss kwi-Sundowns ukuze ezobanga ijezi no-Ronwen Williams oselenze elakhe ijezi kuma-Brazilians nakwiBafana Bafana. UGoss uthe ukwamukele kahle ukuphinda abolekiswe yi-Sundowns.
“Sihlale phansi saxoxa ukuthi akulula ukushintshanisa onozinti. Kufanele sikhulume iqiniso, uRonwen udlala kahle kakhulu. Naye uzofuna ukubamba umgqigqo wakhe. Yilokho engikubhekile ukuthi iSundowns angilindele ukuthi ishintshe onozinti njalo. Nami ngifuna ukudlala, ngingafakwa emidlalweni engasho lutho. Njengokuthi nginikwe ithuba emidlalweni ye-Caf uma iqembu lingasalweli lutho,” kusho uGoss.
ISundowns izobhekana ne-Stellenbosch FC emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu we-MTN8 eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville, ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.