USUNOVALO umndeni wowesifazane wasePhase 4, eMbali, eMgungudlovu, osekuphele inyanga engabonakali emva kokuyovakashela uyise wengane oyiphoyisa.
UNkk Zodwa Ngubo onguninakhulu kaNksz Tina Ngubo (35), uthe bathole ukuthi wahamba ngo-Agasti 16, eMayville, eyovakashela uyise wengane (14) oyiphoyisa esiShayamthetho eMgungundlovu.
“Bekungu-Agasti 20, sithola ucingo kuzakwabo wasemsebenzini, ebuza ukuthi akekho yini ekhaya njengoba sekunezinsuku engezi emsebenzini. Sivele sathuka ngoba besazi ukuthi usemsebenzini. Yilapho agcine esesitshela khona ukuthi wayehambe ebizwe nguyise wengane,” kusho uNkk Ngubo.
Uthe lona wesifazane wabatshela ukuthi ucingo lukayise wengane lwangena phambi kwakhe, waze wathi uNksz Ngubo akayiboleke imali yokuza, uzomnika uma esefikile.
Eqhubeka nokulandisa uNkk Ngubo, uthe isihlobo simshayele ucingo uyise wengane, simbuza ukuthi uNksz Ngubo uphelelephi njengoba kuvela ukuthi unyamalele kade evakashele yena.
Uthe uyise wengane wathi umgcine ngo-Agasti 19, emphelezela eyogibela, ebuyela eThekwini.
Uqhube wathi waphinde wamshayela naye (uNkk Ngubo) uyise wengane egcizelela into efanayo, wathembisa ukulandelela ukuthi uphelelephi, bese ephinde ebuyela kuNkk Ngubo, into agcina engasayenzi, eseziba nezingcingo zabo.
“Ngigcine ngiya khona esiShayamthetho, ngiyombuza ukuthi uzizibelani izingcingo zami? Ngifike engekho, ngakhulunyiswa nomphathi wakhe, othe uma emshayela ucingo wakhuluma inkulumo eshayisanayo,” kusho uNkk Ngubo.
Uthe waqale wathi uNksz Ngubo wamshiya esangweni lasesiteshini samaphoyisa ePlessislaer, ukuyovula icala lokulahlekelwa umakhalekhukhwini.
Wathi kuthe uma umphathi wakhe esethi uzonikela ePleassislaer, ayocela bamvulele amakhamera angalolo suku, kubonakale ukuthi wamshiya khona ngempela yini, washintsha wathi wamgodukisa wamyisa ePhase 4.
UNkk Ngubo uthe ugcine eya ePlessislaer ngoSepthemba 10, ukuyobika ukuthi uNksz Ngubo udukile.
“Ngikhathazekile ngale ngane njengoba sekuphele isikhathi eside kangaka ingatholakali. Ngifisa liphenywe iphoyisa ngokuduka kwayo. Akungeni ngisho ukudla uma ngicabanga ukuthi lokhu sekungiphinda isibili esikhathini esifishane,” kubeka uNkk Ngubo.
Echaza ngesigameko saphambilini, uthe ngoJulayi 28 ubengcwaba omunye umzukulu wakhe, uMnuz Mlondi Ngubo (23), owagcina ukubonwa ngoJanuwari 1.
Uthe kuleso sigameko wathola ucingo lukamakhelwane wakhe emakhaya eMpendle, ethi nangu uNgubo engena ngendlovu iyangena kwakhe.
Uthe wamtshela ukuthi mhlawumbe uphuzile njengoba kwakukade kuhlukaniswa unyaka, wathi uma ebahlupha, abambizele amaphoyisa, bambophise.
“Kwadlula amahora ambalwa, waphinde washaya ucingo (umakhelwane), ethi akasekho esihlahleni akade emkhuleke kuso (uNgubo), wathi usola ukuthi uqaqwe abangani bakhe, bahamba naye,” kusho uNkk Ngubo.
Uveze ukuthi nalolo daba walubika emaphoyiseni kodwa wangabuthola ubulungiswa.
Udalule ukuthi okwagcina kwenzeka ukuthi ashayelwe ucingo ngamaphoyisa aseBulwer ngoJuni, emtshela ukuthi athola amathambo omuntu owagqitshwa, akeze azofanisa.
“Noma kwase kungamathambo kodwa yayisabonakala kancane i-trunk yakhe esiyaziyo, esihlakaleni kusekhona izihlilingi ayehlale ezifakile, emazinyweni kukhona elihlephuke njengelakhe ngaphambili,” kulandisa yena.
Uthe imiphumela yolibofuzo eyenziwa yaqinisekisa ukuthi wuye uNgubo.
“Ngalokhu okwenzeka manje, ngilimala isibili, esilondeni esingakapholi ngoba nakuMlondi, ngangilokhu ngihlalele ethembeni lokuthi ingane iyangena, kanti ngizoyithola isingamathambo,” kusho uNkk Ngubo.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ngodaba lokuduka kukaNksz Ngubo.