ZEHLE ngo-5.1% izigameko zamacala abucayi obugebengu ezibikwe emaphoyiseni, ekoteni yesibili yonyaka wezimali u-2024/2025 uma uqhathanisa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu, obethula izibalo zobugebengu ezibikwe emaphoyiseni ezenzeke phakathi kuka-Julayi no-Septhemba kulo nyaka.
UMchunu uveze ukuthi izigameko zokubulawa kabantu kuzwelonke zehle ngo-5,8% ekoteni edlule, ezokudlwegula zehla ngo-3.1% kwathi amacala aphathelene nocansi abikwe emaphoyiseni kuzwelonke akhombisa ukwehla ngo- 2.5%.
Amacala okubamba inkunzi awasalanga ngaphandle kwabonise ukwehla njengoba kuvele ukuthi ehle ngo-8.8%.
Inanda, ilokishi eliseThekwini, lizihola phambili ngezigameko zokubulawa kwabantu njengoba kuvele ukuthi sikhuphukile isibalo salawa macala abikwe esiteshini samaphoyisa esikule ndawo.
UMchunu uncome amaphoyisa esifundazwe iKwaZulu-Natal, angagayelwa mphako uma ebhekene nezigebengu ezihlomile ezidubula zibhekise kuwo.
“Ngesikhathi singena kuleli hhovisi, besinombono ocacile wokulwa nobugebengu nokuqinisekisa ukuphepha kwabantu bakuleli, ukuze izingane zikhule ngaphandle kwenhlese yodlame. Ubulungiswa bufanele bonke abantu, abukhethi,” usho kanje uMchunu.