KUBHEKWE ukuthi aqhubeke nokudlondlobala kwi-netball umdlali wesifunda iHarry Gwala, uMbali Diphoko, oqokelwe eqenjini lesizwe lika-Under-21 lamantombazane.
Ihlangano eyengamele ibhola lomnqakiswano kuleli, i-Netball South Africa, imemezele isikwati sabadlali abangu-15 kulandela ikhempu ebibanjelwe e-Laerskool Constantia Park, ePitoli, ngempelasonto.
Ngemuva kokuvivinya abadlali abebeqhamuka ezifundazweni ezihlukene zakuleli, umqeqeshi uPrecious Mthembu nephini lakhe uPhumza Maweni, bagcine bekhethe abadlali abazosebenzisana nabo njengoba bezolungiselela iNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eGibraltar ngoSepthemba wangonyaka ozayo.
UDiphoko (17) uyena omele isifundazwe iKwaZulu-Natal. Lo mdlali oyi-goal shooter ugqame edlalela isifunda i-Harry Gwala emiqhudelwaneni kazwelonke.
Emabangeni aphansi ufunde esikoleni i-Seven Mountains Primary eKokstad, wabe esedlulela eShayamoya Secondary, lapho enza khona u-matric.
Ngasekhaya udlalela iKokstad Jaguars, aphinde agijime kwi-Harry Gwala Cubs edlala esigabeni sesibili kwiligi enkulu yaKwaZulu-Natal, iKZN Netball Super League.
Usihlalo we-Harry Gwala Netball Federation, uNonhle Nkomo, uthe bayaziqhenya ngendlela uDiphoko athuthuke ngayo eminyakeni emine edlule, waphinde wabonga bonke ababe nesandla ekukhuleni kwakhe kulo mdlalo.
“Ngifisa ukubonga abaqeqeshi bakhe, oBebeto Mnikina noSithembele Mantshingane nabo bonke abanye abamsize ukuthi afike kuleli zinga. Ngibonga noMnyango wezeMidlalo noMasipala waseHarry Gwala ngoba yibona abalekelelayo ngazo zonke izindleko uma amaqembu ethu kufanele ayodlala imiqhudelwano, baphinde bafake isandla uma bemenyiwe emakhempini,” kusho uNkomo.
“UMbali sekunesikhathi eba ngumdlali ovelele emiqhudelwani ngenxa yendlela afaka ngayo amagoli. Sifisa ukuthi aqhubeke nokuzimisela ukuze agqugquzele nabanye abalandela ngemuva kwakhe.
“Silindele ukuthi enze lukhulu eqenjini lesizwe elincane aphinde anyukele kwelinye izinga uma esedlala ezingeni lezikhungo zemfundo ephakeme. Owethu umsebenzi bekuwukumfikisa kuleli zinga, kodwa kuningi okunye asengakuzuza kulo mdlalo we-netball.”
Umqeqeshi weqembu lika-Under-21 uveze ukuthi amantombazane abemenyiwe abezimisele futhi bagculisekile ngeqembu abaliqokile.
"Ngijabule kakhulu ngabadlali esibaqoke eqenjini lethu. Bakhombise amakhono akhethekile nokuzimisela ngesikhathi sezivivinyo. Besifuna abantu abazobeka iqembu phambili futhi benze konke okusemandleni abo,” kusho uMthembu.
Abadlali abangakhethwanga eqenjini kulokhu basazokwesekwa ukuze bahlale bekulungele ukufakwa eqenjini uma bedingeka.
Iqembu lesizwe le-netball lika-Under-21:
1. Simone Swanepoel (Tshwane), 2. Mbali Diphoko (Harry Gwala), 3. Jamie Matfield (Tshwane), 4. Lisa Ingwersen (Cape Winelands), 5. Giada Prinsloo (Johannesburg), 6. Lara Enhlers (Cape Winelands), 7. Karla Victor (Mangaung), 8. Phophi Nematangari (Tshwane), 9. Kiara van Eeden (Gauteng), 10. Nonkcubeko Mjaliswa (Tshwane), 11. Thato Legodi Johannesburg, 12. Vivian Venancio (DR KK), 13. Zarah Noah (Cape Winelands), 14. Luca Keun (Tshwane), 15. Ammertise Bandu (Gauteng).