INJABULO ibibhalwe ebusweni kuNkosinathi Sibisi oyimenenja yeqembu lebhola esikoleni samabanga aphansi iBhekokuhle Primary esiseDassenhoek, KwaZulu-Natal, ngemuva kokukhala bemuke nesicoco somqhudelwano we-Build-it Under-13, obubanjelwe eKK Sports Ground, KwaDabeka, ngempalasonto edlule.
Izikole zamabanga aphansi ezingu-16 bezibambene ngezihluthu zibheke ukunqoba. Bekungelona kuphela ibhola lezinyawo ebelidlalwa njengoba bekukhona ne-netball okuqhudelana khona izikole eziyisishiyagalombili.
Emdlaweni wamanqamu ebholeni, iBhekokuhle iguqise iPhephile Primary ngo 1-0. Kwi-netball kunqobe iPhephile Primary ngo 11-2 iguqisa iBhekokuhle.
Kulezi zikole ebeziyingxenye yalo mqhudelwano kubalwa iZwelibomvu Primary, iMzwamandla Primary, Christianenburg Primary, Bhekokuhle Primary, Reservoir Primary, Mcopheleli Primary, Ashely Primary, Wyebank Primary, Clernaville Primary, Amanganga Primary, Marrianridge Primary, KwaManzini Primary, Phephile Primary, KwaCutshwayo Primary, KwaMakhanya Primary ne-Kraanskloof Primary.
USibisi uthe: "Ngibonga uThandanani Mjoli okunguyena owenze lokhu kwaba yimpumelelo. Izingane ukuze zifike lana azikhokhanga ngisho indibilishi ngoba isigungu se-Governing Body yiso esihlanganisele abantwana ukuthi bafike lapha.
"Ezinye izingane azenzi kahle ekilasini kodwa uthole ukuthi kwezemidlalo yila ezithola ithuba lokuthi zenze ezibukwayo. Abanye bazophumelela ngazo ezemidlalo ngoba esikhathini samanje usuyakwazi ukuziphilisa ngakho," usho kanje.
UPrince Zondi oqhamuka eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, ubonge abakwaBuild-it ngalo mqhudelwano.
"Siyajabula kakhulu ukuthi iBuild-it ilethe lo mqhudelwano ezikoleni ezisemalokishini ngoba yizona izikole ezintula kakhulu ezinsizeni. Njengoba siwumnyango sigxile kakhulu ekufundiseni, siyajabula uma kuqhamuka abaxhasi abanjengoBuild-it bezofaka isandla ekuthuthukiseni ezemidlalo ezikoleni ngoba kusiza ukuvikela abantwana ezintweni eziningi ezifana nezidakamizwa," kusho uZondi.
ULes Pillay obhekelele ezokuthuthukisa kwaBuild-it kuzwelonke, uthe kubona kubalulekile ukuza emphakathini ngoba ngaphandle komphakathi abayilutho.
"Lezi ezinye zezizathu ezisenza ukuba sihlele le miqhudelwano ngoba sisuke siwenzela ukuvusa ugqozi kubantu. Endaweni efana nalena eKK Sports Grounds, abantu bathanda ezemidlalo kakhulu okuyibhola likanobhutshuzwayo nelomnqakiswano. Siyajabula ukuba ezinye zezinkampani ezizibophezele ekuthuthukiseni intsha," kusho uPillay.
UMnguni Thabiso waseBhekokuhle Primary kwelikanobhutshuzwayo noZamasibi Dlamini ebholeni lomnqakiswano wasePhephile Primary, bahambe nomklomelo wokuba abadlali abavelele bahlomula ngemali engu-R1 500 umuntu eyedwa. IMzwamandla Primary yona ihlomule ngemali engu-R5 000 ngokuba yisikole esesekwe kakhulu.