KUBHEKWE ukuthi ulwazi abaluncele engqungqutheleni ekhethekile ebibanjelwe eGoli, ngesonto eledlule, lubasize bathole abaxhasi abesifazane bakuleli abakwezemidlalo.
Ngemuva kocwaningo olwenziwa yiWomen’s Sport Fundation, ekuqaleni kwalo nyaka, olwakhombisa ukuthi abesifazane bakuleli abakwezemidlalo bahola kancane kakhulu uma beqhathaniswa nabesilisa futhi bathola uxhaso oluncane, inkampani iMomentum, exhasa amaqembu esizwe abesifazane ekhilikithi, inqume ukuhlanganisa ingqungquthela yezinsuku ezimbili eyaziwa ngeWomen Who Make Moves In Sports Summit.
Ngaphandle kwabadlali, abanye abebeyingxenye yayo bekungabaqeqeshi, amalungu ezinhlangano zezemidlalo, abaphethe izindaba zabadlali, izikhulu zezinkampani, izintatheli nabanye abaningi abasemkhakheni wezemidlalo.
Inhloso bekuwukuhlomisa abadlali namaqembu ngolwazi oluzobasiza bazimakethe kangcono ukuze bahehe abaxhasi.
“SiyiMomentum sesinesikhathi eside sizibandakanya nemidlalo yabesifazane. Sibone ukuthi akwanele ukukhuluma ngokuthi abesifazane bahola kancane kwezemidlalo futhi bathola uxhaso oluncane kodwa bekumele sithathe izinyathelo zokubahlomisa ngamathuluzi afanele ukuze bathuthuke,” kusho isikhulu seMomentum, uNontokozo Madonsela.
“Esikutholile kulaba abebeyingxenye yale ngqungquthhela wukuthi bavuleke amehlo mayelana nezinto eziningi ezingasiza umdlali ngamunye ukuthi azigqamise futhi akwazi ukuheha abaxhasi, nezinye izindlela abangenza ngazo imali ngaphandle kwezinkunda zemidlalo.”
Umdlali weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane, u-Ayabonga Khaka, ngomunye wabebehambele le ngqugquthela.
“Kungisize kakhulu ukuba yingxenye yalolu hlelo. Ngingumuntu onamahloni futhi ngifunde ukuthi kumele ngiyeke ukuzifihla, ngiziqhenye ngokugqamisa izinto engizenzayo enkundleni nangaphandle kwayo. Lokhu kuzosiza ekutheni ngikwazi ukwakha ubudlelwano nezinkampani ezinezinjongo ezifanayo nezami,” kusho uKhaka.
Ukaputeni weqembu lesizwe labesifazane lombhoxo, uNolusindiso Booi, naye uthe: “Lona bekuwumcimbi obaluleke kakhulu futhi into engizoyazisa impilo yami yonke. Ngifisa sengathi ngabe ngaluthola lonke lolu lwazi ngisemncane. Noma kunjalo, kuningi engisazokusebenzisa njengoba ngisadlala futhi noma sengiyekile ukudlala. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi engikufundile ngikudlulisela nakwabanye ngoba baningi abazosizakala ngalo lwazi esenginalo.”
USolwazi u-Anita Elberse, weNyuvesi iHarvard yase-United States of America, ongungoti ekuxhumaniseni ezemidlalo, ezamaciko nezamabhizinisi, ubengesinye sezikhulumi. Usefundise inqwaba yabadlali nalabo abayingxenye yezikaqedisizungu, okuhlanganisa kubona umdlali webhola uGerard Pique, owe-basketball uDwayne Wayde, umculi uCiara nezinye izihlabani eziningi.
"Ezemidlalo zabesifazane zibhekene nenselelo yokushoda koxhaso lwezimali emhlabeni jikelele kanti kunzima kakhulu kubadlali base-Afrika. Lokho kodwa akumele kubavimbe ekutheni bazithuthukise futhi baqhubeke nokungqongqoza eminyangweni eyehlukene. Maningi amathuba okuthi benze imali, hhayi nje ngokukhangisa ngemikhiqizo ethile kodwa nabo bangagcina sebeziqalele amabhizinisi abo,“ u-Elberse.
Njengoba u-2023 kuwunyaka lapho amaqembu esizwe abesifazane ebambe khona iqhaza emiqhudelwaneni yomhlaba njengeNdebe yoMhlaba yekhilikithi, eye-netball kanye neFifa Women's World Cup, kulindeleke ukuthi indlela adlale kahle ngayo iholele ekutheni izinkampani eziningi zisebenzisane nezihlabani zesifazane kakhulu kunakuqala.