NAKUBA iligi yebhola yaseSpain, iSpanish La Liga, ibalwa nahamba phambili emhlabeni ngenxa yezibabuli zabadlali abadlala kuyo abaliqhumukisa emazweni ahlukene omhlaba, kodwa iqiniso wukuthi umlando wezwe kwiFifa World Cup usadinga ukuqiniswa nakakhulu.
Kungacishe kungakholakali kwabanye abathandi bebhola ukuthi iqembu lesizwe laseSpain kusukela ngo-1934 okuwunyaka eladlala ngawo okokuqala kwiNdebe yoMhlaba, lisafinyelele kanye kowandulela owamanqamu nokuyilapho layinqoba khona kuphela le ndebe ngo-2010 idlalelwa eNingizimu Afrika.
Ngemuva kokufinyelela esigabeni sama-quarterfinal kwiNdebe yoMhlaba yango-2006, iSpain yodumo lwe-tiki-taka yaya kwiNdebe yoMhlaba yango-2010 eyayiseNingizimu Afrika ivele ithelwe ngeqoma ngemuva kokunqoba i-Uefa Euro 2008 futhi isefomini eyisimanga ibophele izinkalimeva zabadlali okubalwa kuzo uSergio Ramos, Andres Iniesta, uXavi nezinye.
Nokho i-La Furia Roja yabuyela ehlazweni kwiNdebe yoMhlaba yango-2014 ikhishwa ekuseni esigabeni samaqoqo.
Kube ngesifanayo nango-2018 eRussia, ikhishwa ngosokhaya sekukhahlelwa amaphenathi emzuliswaneni weLast 16 nokuyiphonsela inselelo yokubuyisa isithunzi kulo nyaka.
Iqhatwe eqoqweni E neCosta Rica evula nayo kule nyanga e-Al Thumana Stadium, eDoha.
Abanye yiGermany neJapan.
Abadlali abaqavile:
Sergio Busquets (34) oyinjini yasesiswini nokaputeni weSpain ungomunye wabadlali asebengomakadebona kuleli qembu nakwiNdebe yoMhlaba njengoba esedlale amahlandla amathathu kusuka ngo-2010 kuya ku-2018.
Abanye nguFerran Torres, uThiago, u-Alvaro Morata, uRodrigo Hernandez, nonozinti uKepa Arrizabalaga.
Umqeqeshi:
ULuis Enrique (52) wathatha izintambo zokuqeqesha iqembu lesizwe laseSpain ngemuva kokukhonjwa indlela kukaFernando Hierro, owakhishwa ekuseni ngo-2018, eRussia.
Ukufinyelela kweLa Roja kowandulela owamanqamu e-Euro 2020, ukufinyelela kowamanqamu e-Uefa Nations League, kanye nokuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba eseQatar, kungezinye zezizathu ezenza kulindeleke okukhulu kulo mqeqeshi ohlome ngolozolo lwabadlali kulo mqhudelwano.