USIHLALO weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, uyakuvuma ukuthi sezibaliwe izinsuku zabo benowe-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, ezikhundleni zokuhola iPremier Soccer League (PSL).
UMotaung ubekhuluma emuva kokubuyiselwa ngevoti esigungwini i-Executive Commitee (Exco) yeNational Soccer League (NSL) eSandton izolo. Amalunga ayisishiyagalombili e-Exco avotelwa ngamaqembu angu-32 ePSL ebunjwe yiBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship.
UKhoza ongusihlalo wePSL ne-Pirates, ubuyiselwe engabangiswangwa muntu kwesokuhola le nhlangano. Lokhu kusho ukuthi uzohola iPSL eminye iminyaka emine phezu kokuba bekunezinkulumo zokuthi uzoshenxa kulesi sikhundla ahlala kusona okokuqala ngo-2003.
Abanye abangene esigungwini esisha nguMato Madlala (Golden Arrows), Tim Sukazi (TS Galaxy), Rejoice Simelane (Mamelodi Sundowns), Sifiso Biyela (Richards Bay), Stanley Matthews (SuperSport United) noJohnny Mogaladi (Polokwane City. UBiyela, Sukazi noMogaladi bengene ezikhaleni zikaRob Benadie weStellenbosch FC, David Thidiela weBlack Leopards noJohn Comitis ongusihlalo weCape Town City.
UMotaung ugcizelele ukubaluleka kwamalunga amasha kwe-Exco.
“Kufanele sivulele abasebancane ukuthi bathathe umsebenzi ngoba isikhathi sethu sizophela. Kufanele kube neqhinga elihle lokudlulisela izintambo okufanele silenze sonke siyiqembu, sibone ukuthi izinto sizihlela kanjani ukuze konke kuqonde phambili,” kusho uMotaung.
Lesi sikhulu ebesiqeda iminyaka engu-80 ngenyanga edlule, sigixabezwe nguKhoza ngesheke lezigidi njengesipho sosuku lokuzalwa.
UKhoza uthe: “Ngicela amalunga e-Exco anginike imvume yokunika uDr Motaung u-R2million ukuze azijabulise.”
UMotaung usemukele ngazo zombili lesi sipho, wathi ufikelwa wusizi ngoba sebehambe ibanga elide benoKhoza bezama izindlela zokuthuthukisa ibhola laseMzansi.
Ikomiti elisha le-Exco linengcindezi yokulwa nezinselelo zebhola eMzansi okubalwa kuzona indaba ye-VAR emidlalweni yePremiership abalandeli abakhala ngayo ngenxa yezinqumo zonompempe ezingagculisi.
USukazi ngomunye wosihlalo bamaqembu abangesabi ukweneka ezidlangalaleni izinkinga ezikhungethe iPSL nokuthi idinga ubuholi obunemibono emisha ezoyenyusela kwelinye izinga. Phakathi kwezinto uSukazi abelokhu ekhuluma ngazo wukuthi iPSL ingenza inzuzo engaphezulu kwalena ezishaya isifuba ngayo. Ukungena kukaSukazi kwi-Exco kumnika ithuba lokuzwakalisa ilaka lakhe kubantu abafanele.
Ngesonto eledlule, uThidiela ukubeke kwacaca ukuthi iPSL idinga abaholi abasebancane, abazoqhubeka lapho begcine khona ukuze ibalwe naphezulu emhlabeni.