AKUKACACI ukuthi abashwibi beqembu lesizwe lakuleli lekhilikithi labesilisa, u-Anrich Nortje noSisanda Magala, bazoya eNdebeni yoMhlaba nakuba sekusele izinsuku ezimbalwa ukuthi iqembu lilibhekise e-India.
Kube nenhlokomo kubalandeli bama-Proteas ngesikhathi umshwibi we-spin, u-Keshav Maharaj, elulama ngokushesha ngemuva kokulimala umsipha i-achilles kodwa iqembu selibhekene nezinselelo ezintsha eziqondene nabashwiba ngesivinini.
U-Nortje noMagala badlale umdlalo owodwa kuphela ngamunye kwemihlanu ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa (ODI) ne-Australia. AmaProteas akhale ngaphansi kwemibili yokuqala kodwa abuya ngamandla ayinqoba yomithathu yokugcina, aluthatha ngo 3-2 uchungechunge.
Bobabili bafakiwe esikwatini sabadlali abangu-15 esizomela iNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba ezoqala ngo-Okthoba 5. UNortje uthinteke eqolo kanti uMagala unenkinga yedolo.
AmaProteas azoya e-India ngoMgqibelo kanti isinqumo esingujuqu mayelana nalaba badlali sizothathwa ngaphambi kwalolu hambo.
"Sisaqhubeka nokuqapha isimo sabo bobabili laba badlali. Sikhathazekile njengoba bengawudlalanga umdlalo wokugcina ne-Australia ekubeni sekusele izinsukwana ngaphambi kokuthi siye eNdebeni yoMhlaba. Bekungakuhle ukuthi sibabone enkundleni,” kusho umqeqeshi wamaProteas, uRob Walter.
“Ngeke kube yisinqumo esiphusile ukuthatha abadlali abangekho esimeni esihle siye nabo eNdebeni yoMhlaba ngoba kudingeka imibiko eqinile ukuze ukwazi ukushintsha umdlali.”
Uma kwenzeka oyedwa wabo engalulami ngesikhathi, amaProteas kulindeleke ukuthi abize u-Andile Phehlukwayo, olitholile ithuba lokudlala ochungechungeni ne-Australia futhi wadlala kahle.
"U-Andile ungomunye wabadlali abayingxenye yeqembu elibanzi. Usikhombisile ukuthi kungani engomunye wabadlali esihlale sibabhekile, ikakhulukazi indlela ashaye ngayo emdlalweni wokugcina. Wenze umehluko omkhulu.”
Uma kwenzeka bobabili laba bashwibi bengalulami abaqeqeshi bazobheka abadlali abanjengo-Wayne Parnell, Bjorn Fortuin noLizaad Williams. UParnell akabizwanga ngesikhathi kuqokwa isikwati esizobhekana ne-Australia ngenxa yokuthi ubesalulama ngemuva kokulimala ehlombe.
AmaProteas azodlala eyokungcweka emibili ne-Afghanistan neNew Zealand e-India, ngaphambi kokudlala owokuqala wamaqoqo eNdebe yoMhlaba ne-Sri Lanka, ngo-Okthoba 7.