KUPHELILE ukuqagela ngeqembu elizoyomela isifunda iTheku emidlalweni yesifundazwe yeSafa Hollywoodbets Regional League yokuhlunga ezobanjelwa eMgungundlovu, kule mpelasonto.
Lokhu kulandela ukuthi Umlazi Young Lions FC uguqise i-DUT sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obekumele ukhiphe umpetha besifunda obubanjwe eSJ Smith Stadium ngempelasonto. Umdlalo ubuphele zibambene ngo 1-1, Umlazi wadlula ngo 10-9 kumaphenathi.
Kuzobe kungakona okokuqala leli qembu laseMlaza lizibekisela indawo emdlalweni yokuhlunga njengoba ngo-2022 nango-2023 lafika kulesi sigaba.
Oyimenenja yoMlazi Young Lions, uMthobeli Yeki ekhuluma neSolezwe, uthe umdlalo kanobhutshuzwayo unzima kakhulu.
“Umdlalo esiwudlale ne-DUT ngoMgqibelo, yinto engachazeki ngoba bayazimisela laba bafana. Kusisebenzele ukuba nesipiliyoni ngoba umdlalo siwuwine sekukhahlelwa amaphenathi emva kokuthi umdlali wabo ethole ikhadi elibomvu ngesiwombe sokuqala,” kusho uYeki.
Uthe bazodinga ukusizwa ezintweni eziningi njengoba bebheke kuyona imidlalo yokuhlunga.
“Umgqigqo esihamba ngawo awukakashintshi. Siyazama ukuthi abantu basilekelele ngolwazi lwamaqembu esizobhekana nawo futhi sifuna ukuwanqoba,” usho kanje.
Uqhube wathi kumele kube khona ushintsho njengoba beya okwesithathu kulandelana kweyokuhlunga.
“Kumele ligaye ngomunye umhlathi manje ngoba ngesizini yethu yesibili asizange sifinyelele emidlalweni yezifundazwe yokuhlunga. Kule midlalo esibheke kuyo ngempelasonto wonke umuntu ubheke thina, ngakho-ke ingcindezi ikuthina.” Amaqembu amabili azophumelela kweyokuhlunga azonyukelwa kwiKZN Safa ABC Motsepe League.