KUSASA kuzobe kuwusuku olukhulu kwezemidlalo phakathi kweNingizimu Afrika ne-England njengoba la mazwe ezotholana phezulu ezimpini ezimbili ezinkulu kwezemidlalo.
Enkulukazi izoba senkundleni yebhola lombhoxo, lapho amaBhokobhoko ne-England bezogadulisana kowandulela owamanqamu eStade de France eParis ngo-9 ebusuku.
Womabili la maqembu adlule kunzima ukuze afinyelele kulesi sigaba somqhudelwano. I-England iguqise iFiji ngo 30-24 kuma-quarter-final, amaBhokobhoko alwe kwaze kwaba sekugcineni ehlula osokhaya, iFrance, ngo 29-28.
Kulindeleke ukuthi kuvuke amagqubu kulo mdlalo kwazise amaBhokobhoko asejwayele ukuzenzela kwi-England eNdebeni yoMhlaba. Ayithela phansi kowamanqamu eJapan ngo-2019. Ayenze okufanayo eFrance ngo-2007. Okunye okuqaphelekayo wukuthi owamanqamu ka-2007 wadlalelwa enkundleni efanayo nale okuzobanjelwa khona lo owandulela owamanqamu kusasa.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, ubuyise iqembu elifanayo naleli eliphule izinhliziyo zeFrance ngeSonto. Bayisishiyagalombili abazoqala kusasa abaqala kowamanqamu ngo-2019. Bayisikhombisa abanye abebekhona eqenjini labadlali abangu-23 abasekhona futhi kuleli elizodlala kusasa.
“Eminyakeni embalwa edlule besihlanganisa iqembu elisezingeni eliphezulu elizokwazi ukudlala imidlalo enzima yomkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba. Sineqembu labadlali abangu-33, bonke basondelene ngokwamakhono kanye nezinga lokudlala, nokwenze wafika lowo mqondo wokuthi silishintshe iqembu. Bekunzima ukukhetha iqembu, ngesonto eledlule nakuleli sonto kodwa sibona sekuyisikhathi sokuthi sihambe nabadlali esikholwa wukuthi basefomini engcono,” kusho uNienaber.
“Sidlalela abangani bethu, imindeni nezigidi zabantu baseNingizimu Afrika abasisekayo ebunzimeni nasebubini. Sizimisele ukuqhubeka nokubanika ithemba nesizathu sokumamatheka.
“Siyazi ukuthi i-England isinqobe imidlalo emihlanu ilandelana futhi izinga lokuzethemba liphezulu. Inabadlali abasezingeni eliphezulu phambili, nabasemuva abanekhono futhi abangenza umlingo enkundleni. Labo abayithatha kancane benza iphutha elikhulu,” usho kanje lo mqeqeshi.
Uma siwelela eNdebeni yoMhlaba yekhilikithi:
AmaProteas azobe eyibambe emdlalweni wamaqoqo wesine ne-England e-Wankhede Stadium, eMumbai, e-India ngo-10.30 ekuseni.
Womabili amaqembu alwela ukuba yingxenye yamane azoqeda phezulu kwi-log ekupheleni kwesigaba samaqoqo, adlulele kweyandulela owamanqamu.
AmaProteas asendaweni yesithathu ngemuva kokuqoqa amaphuzu amabili emidlalweni yawo emithathu yokuvula. Aguqise iSri Lanka ne-Australia, ashaywa yiNetherlands.
I-England isendaweni yesihlanu ngamaphuzu amabili kwemithathu. Isahlule iBangladesh kuphela, yakhala ngaphansi kwiNew Zealand ne-Afghanistan.
AmaProteas ne-England badlale uchungechunge lwemidlalo emithathu yama-over angu-50 eNingizimu Afrika ngoJanuwari, kwanqoba iqembu lakuleli ngo 2-1.
Ngesikhathi bebhekene eNdebeni yoMhlaba ngo-2019, i-England yanqoba ngama-run angu-104.
Umshwibi wama-Proteas, uKeshav Maharaj, uthe: “Lo mdlalo wangoMgqibelo ne-England ubaluleke kakhulu kithina. Sihlose ukuqhubeka nesikwenzile ngesikhathi sidlala ne-Australia. Sifisela amaBhokobhoko konke okuhle. Basenze saziqhenya kuze kube manje futhi sizobeseka kuze kube sekugcineni. Ngiyethemba ukuthi nathi sizokwenza ubulungiswa sithole umphumela omuhle emdlalweni wethu. Kuzoba wusuku oluhle lwezemidlalo kubalandeli baseNingizimu Afrika.”Iqembu lamaProteas elizobhekana ne-England lizomenyezelwa ngaphambi kokuqala komdlalo kusasa.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-England:
Abazoqala: 15 Damian Willemse, 14 Kurt-Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Manie Libbok, 9 Cobus Reinach, 8 Duane Vermeulen, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi, (ukaputeni), 5 Franco Mostert, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Bongi Mbonambi, 1 Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16 Deon Fourie, 17 Ox Nche, 18 Vincent Koch, 19 RG Snyman, 20 Kwagga Smith, 21 Faf de Klerk, 22 Handre Pollard, 23 Willie le Roux.