Idolobha iTheku likulungele ukusingatha umqhudelwano webhola, i-COSAFA Beach Soccer Championships, ozodlalelwa eSouth Beach Arena ngeSonto mhlaka-17 kuya ku-23 Mashi.
INingizimu Afrika, engosokhaya, kungenzeka ithwale kanzima kulo mnqhudelwano njengoba iqhathwe namaqembu ayingozi kuGroup A.
Kuleli qoqo kukhona ne-Seychelles ezosingatha lomqhudelwano ngo-2025, i-Saudi Arabia emenyiwe kulo mqhudelwano ne-Malawi eyadoduka nendodo yesiliva kulo mqhudelwano ngo-2015. IMalawi izovula neNingizimu Afrika kusasa.
Usihlalo weSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal, uKwenzakwakhe Ngwenya, uthe njengesifunda bakulungele ukusingatha le midlalo.
“Sizibonile iziteleka eThekwini kodwa lokho akusiphazamisanga ukuthi sihlelele le midlalo. Sikwenzile konke ebesifuna ukukwenza ngaphandle kwezinkinga, ngingasho ukuthi uNkulunkulu ubengakithi ngoba laba ababebhikisha abasiphazamisanga. Njengesifunda sijwayele ukusingatha imincintiswano ekanje ngakho-ke sikulindele ukuqala kwemidlalo ngeSonto,” kusho uNgwenya.
Umqeqeshi weNingizimu Afrika, uFani Shange, ekhuluma nabezindaba wethule abadlali abazomela isizwe kulo mqhudelwano, waphinde waqinisekisa ukuthi bakulindele ukuqala kwalemidlalo futhi bazothatha umdlalo ngamunye.
“Eminyakeni edlule asenzanga kahle. Sizothatha umdlalo ngamunye. Engikuzele lapha nabadlali wukuqinisekisa ukuthi abadlali abaqokiwe ngabadlali abakulungele ukuncintisana. Njengoba sizodlala neMalawi siyibonile imidlalo yabo asebeyidlalile ngaphambilini okusho ukuthi siyasazi isitayela abasisebenzisayo uma bedlala. Sikulungele ukubhekana nabo ngeSonto,” kusho uShange
KuGroup B kulindeleke ukuthi kushube njengoba iMorocco, okubhekwe lukhulu kuyo, izobhekana namaqembu aseke awunqoba lomqhudelwano okuyi-Mozambique, Tanzania ne-Angola. Amaqembu amabili azoqeda phezulu emaqoqweni yiwo azodlulela kowandulela owamanqamu.
Abadlali abaqokiwe abazomella iNingizimu Afrika:
Lamulani Shange, Nduduzo Msane, Lowel Kingsely, Siyabonga Mkhize, Xolani Hlela, Abongile Gcuda, Prince Gumede, Khethukuthula Mkhize, Sphelele Cele, Kwazi Bhengu, Sphelele Mngadi, Ntuthuko Mbutho, Deroll Fish no-Ernest Mahlaba
Isiyonke imidlalo yosuku lokuqala yeCosafa Beach Soccer Tournament imi kanje:
NgeSonto, 17 Mashi 2024
Tanzania v Angola (10:30)
South Africa v Malawi (12:00)
Saudi Arabia v Seychelles (14:00)
Morocco v Mozambique (15:30)