I-STELLENBOSCH FC ikhombise ukuthi isikulungele ukudayisa isitobha, u-Ismael Toure, ngokusayinisa uBrian Onyango ochithwe yiMamelodi Sundowns emasontweni adlule.
Selokhu kuphele isizini ka-2023/2024, iStellies iphunga amaqembu afuna uToure wase-Ivory Coast, odlala maphakathi emuva. Lo mdlali wajoyina leli qembu laseKapa ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiMarumo Gallants eyagawulwa yizembe kwiBetway Premiership.
Ukudlala kahle kwakhe kwi-Stellies eyisiza iqeda endaweni yesithathu kwi-log ngesizini ka-2023/2024, kuholele ekutheni afunwe yinqwaba yamaqembu eMzansi naphesheya kwezilwandle. Emaqenjini okuvele ukuthi amgaqele, kukhona i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs ememezele ukuthi isisayinise u-Inacio Miguel wase-Angola, izolo.
U-Onyango waseKenya, uhlukane neSundowns emuva kwamasizini edonsa kanzima ukuthola isikimu eChloorkop.
NgoLwesibili, umqeqeshi we-Stellies uSteve Barker, uyiqinisekisile kwi-Radio 2000 eyokusayinisa u-Onyango owafika eMzansi ezodlalela iSantos yaseKapa, ngo-2012, ngaphambi kokudlulela kwi-Mariztburg United.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sesimsayinisile uBrian Onyango. Kodwa akhona amaqembu afuna uToure. Ngesikhathi efika kithina wathi unephupho lokuya e-Europe. Yilokho esizokubheka kuqala. Uyafuneka nase-Europe. Anginaso isiqiniseko sokuthi sizoyibheka eyamaqembu alapha ekhaya,” kusho uBarker.
Uma uToure egcina ehambile kwi-Stellies, uzoba ngumdlali wesithathu odayiswe yileli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025. Lidayise umgadli u-Iqraam Rayners kwi-Sundowns nokaputeni uDeano van Rooyen kwi-Pirates.
“Inhloso yethu enkulu wukugcina abadlali ukuze sizohlala sineqembu eliqinile. Kodwa iwindi lokubhalisa abadlali kusekude livale futhi kuningi okusengenzeka. Ukulahlekelwa ngu-Rayners no-Deano kuzwelile kakhulu. URayners usebenzise umbandela wokumkhulula futhi asikwazanga ukuma nasendleleni ka-Deano yokujoyina iqembu akhula elithanda,” kusho uBarker.