UMASIPALA weTheku usuqale uhlelo lokufaka ugesi wekhadi ezikoleni ezicwile ezikweletini zikagesi namanzi ezingaphansi kwawo.
Lolu hlelo uthe ngalo kuhloswe ukusiza izikole ukuze zikwazi ukukhokhela izikweletu zazo ezinkulu, zibe zinawo ugesi.
Imeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba , ithe lolu hlelo luqondene nezikole ezinezikweletu ezinkulu zikagesi kodwa nezingenazo izikweletu zingakwazi ukufaka izicelo.
Uthe ezikoleni ezingu-1000 eziphakelwa umasipala ngogesi ezingu-66 sezifake izicelo zokuthi zifakelwe ugesi wekhadi.
“Njengobuholi bedolobha sizibophezele ekwenzeni ngcono ukuqoqwa kwemali engenayo ukuze silethe izinsiza ezisezingeni. Ngakho kumele silekelele amakhasimende anezingqinamba kodwa azimisele ngokukhokhela izinsiza,” kusho uXaba.
Uqhube wathi ukuze umasipala uthuthukise ukuqoqwa kwezikweletu zikagesi namanzi, wethule uhlelo lwamamitha aziwa ngama-smart metres.
"Njengamanje angaphezu kuka-120 000 asefakiwe. Ngokuhambisana nesu lokushintsha ugesi, kuzosatshalaliswa amanye amamitha ama-smart meters angu- 150 000 kule minyaka emihlanu ezayo," kuchaza uXaba.