Milford FC (1) 1
Stellenbosch FC (3) 6
IStellenbosch FC ingene ishushuluza kuma-quarterfinal eNedbank Cup ibhaxabulela ekhaya iMilford FC emdlalweni we-Last 16 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesihlanu ebusuku.
Amagoli eStellenbosch avalelwe phakathi nguDevin Titus, u-Anicet Oura oshaye amabili ngesiwombe sokuqala, Andre de Jong naye ovalele phakathi amabili ngesiwombe sesibili noMervin Boji.
IMilford, edlala kwiMotsepe Foundation Championship, beyize kulo mdlalo ibhekiwe kwazise yamangaza abaningi iwashisa ijezi iKaizer Chiefs emzuliswaneni we-Last 32 iyiguqisa ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
IStellenbosch beyifinyelele kwi-Last 16 ngokuguqisa iPretoria Callies ngo 4-3 kumaphenathi.
Enkundleni, iStellie isheshe yacacisa kulo mdlalo ukuthi ifuna ukungayiniki ithuba lokudlala iMilford njengoba kuyiyona ebiphethe ibhola isikhathi esiningi, kukhonya yona icindezela.
UDevin Titus uvule inkundla eshayela iStellenbosch igoli lokuqala ngomzuzu ka-20 ngemuva kokuphaselwa ngu-Iqraam Rayners.
U-Anicet Oure, ongene endaweni ka-Antonio van Wyk ophume elimele, uvalele elesibili ngomzuzu ka-34 edlalelwe nguye futhi uRayners obenesandla emagolini amane kulo mdlalo, waze waqokwa njengomdlali ovelele.
Nokho, ngemuva kwalokho iMilford ikhombise ukuvuka emaqandeni uSiphosethu Ndlabi ethwala amadoda maqede egoba ibhola elihlangane noMenzi Chili odedele unyazi walizwa ngendaba unozinti weStellenbosch, u-Oscarine Masuluke ngomzuzu ka-45 sekusele kancane ziye ekhefini.
Nokho ukuhuqa ubuthongo kwezitobha zeMilford kwenze iStellenbosch yathola igoli lesithathu ngokushesha elishaywe u-Oura ngomzuzu ka-46 wesikhathi esengezwe ngunompempe.
Zibuya nje ekhefini iStellenbosch ishaye amagoli amabili asheshayo avalelwe phakathi wuDe Jong ngomzuzu ka-46 noka-47.
UBoji, obesuka ebhentshini, ushayele isipikili sokugcina ebhokisini lomngcwabo weMilford eshaya elesithupa ngomzuzu ka-87.
Ukunqoba ngembudlu yamagoli kweStellies kuphinde kwakhombisa ukuthi kungani leli qembu lingagayelwa mphako kule sizini. Lokhu kufakazelwa yindawo elikuyo kwi-log yeDStv Premiership okuyindawo yesine nokuba ngompetha beCarling Knockout.
Ngakolunye uhlangothi iStallions edonsa kanzima kwiMotsepe Championship njengoba isendaweni ka-14 kwi-log, ilwa nokubalekela izembe. Ukuphuma kwayo kwiNedbank kusho ukugxila ngokuphelele emidlalweni yeligi.
Izobuyela ensimini ngomdlalo omqoka wasekuhambeni ne-University of Pretoria ngo-Ephreli 2, eTuks Stadium, ePitoli