KUSHUBISA umbango wesicoco seMotsepe Foundation Championship, ukunqoba kweCape Town ngokubhaxabula izimbangi zayo iCasric Stars ngo-2-0 ngoLwesihlanu ntambama, e-Athlone Stadium, eKapa.
Amagoli enqobe ngawo iSpurs avalelwe phakathi nguTherlo Moosa ngesiwombe sokuqala, elesibili lashaywa nguBoitumelo Radiopane ngesiwombe sesibili esuka ebhentshini.
Ukunqoba kweSpurs emdlalweni obubhekwe ngabomvu kusho ukubuyela kwayo umgqigqo nokuba sembangweni weligi njengoba ifike emdlalweni ibuya esibhaxwini semidlalo emibili ilandelana.
Ngakolunye uhlangothi ukwehlulwa kweStars kusho ukwehla esicongweni ngoba bekuyiwe kulo mdlalo ihlezi phezulu kwi-log yeMotsepe Championship, yehlukaniswe ngamaphuzu amathathu nezimbangi zayo iPolokwane City neSpurs.
Ngenkathi ezikaShaun Bartlett zibhuquzisa iStars eKapa, ibingazibekile phansi iPolokwane ngawo uLwesihlanu ntambama ngoba ivulele isibhaxu sika 2-1 kwiNB La Masia, eTsakane Stadium, eGoli.
Ukunqoba kwePolokwane kusho ukubuyela kwayo esicongweni se-log ngenxa yomehluko wamagoli phakathi kwayo nezimbangi zayo iSpurs esendaweni yesibili neStars esendaweni yesithathu, yize womathathu amaqembu ebambene ngamaphuzu angu-50 iqembu ngalinye.
Womathathu asembangweni oshisa phansi weligi yeMotsepe Championship kanti asalelwe yimidlalo emine emqoka, esizocacisa ukuthi yiliphi phakathi kwala maqembu elizogcina lemuke nesicoco likhuphukele esigabeni seDStv Premiership.
Isiyonke imiphumela yangoLwesihlanu yeMotsepe Foundation Championship:
Cape Town Spurs 2-0 Casric Stars; NB La Masia 1-2 Polokwane City; Platinum City Rovers 1-1 Baroka FC