OMUNYE wabadlali abasha kodwa osephenduke omunye wabamqoka odongeni lweKaizer Chiefs naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, uRushwin Dortley, ukholelwa ekutheni ulwandle kuphela oluyovimba Amakhosi uma usungene wathi khaxa kubadlali umqondo womqeqeshi, uNassreddine Nabi nethimba lakhe.
UDortley (22) ufike kwiChiefs ekuqaleni kwesizini esuka kwiCape Town Spurs kodwa useyidlale yonke eyaleli qembu yeligi waphinda wenza okufanayo nakwiBafana ezibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yaseMorocco ngonyaka ozayo.
Nakuba Amakhosi eyiqale ngegiya eliphansi iBetway Premiership yize bekubhekwe umlilo wequbula kuNabi kodwa uDortley ulokhu ekhule njalo ngayedwana.
Ukuvala i-Uganda neSouth Sudan lo mdlali akwenze kwemibili yeBafana yakamuva, uthembise ukuwelela nakho kuMakhosi njengoba elungiselela ukwamukela iRichards Bay FC koweligi kusasa ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium.
“Iqiniso ukuthi izinyanga ezimbalwa ezedlule zifana nephupho kimina ngoba konke engangiphupha ngakho kwenzekile,” kusho uDortley kwabezindaba ngoMsombuluko ekomkhulu leChiefs, eNaturena.
“Ngaphandle kokwesekwa umndeni wami nalo lonke usizo engilunikwe iChiefs njengoba bengisuka eKapa ngiza eGoli, ngabe angikho kuleli zinga engikulona.
“Akuyona into elula kumbe encane ukuthi umdlali ongaziwa afike eqenjini elithathwa njengelikhulu njengeChiefs nakwiBafana alenze elakhe ijezi.
“Lokhu kuyisibusiso engingasibonga kuMdali kuphela ngoba uyena engikholelwa nengikhuleka kuyena kukuhle noma kungemnandi,” kuqhuba uDortley.
UDortley uyakwamukela ukuthi iChiefs ayikho lapho kufanele ngabe ikhona kodwa akanalo uvalo. IChiefs isanqobe imidlalo emibili, yahlulwa kwemibili, yadlala owodwa ngokulingana. Lokhu kuyibeka endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa.
“La sizohlangana khona sizovinjwa ulwandle kuphela ngoba kusobala ukuthi uNabi nethimba lakhe babumba inqanawe yento.
“Thina esinenhlanhla yokusebenza noNabi nethimba lakhe eduze nsukuzonke asikungabazi ukuthi iChiefs izozibuyisa izinsuku zenjabulo,” kusho oDortley.
Ngesikhathi uDortley efika kwiBafana umqeqeshi, uHugo Broos, wamchaza njengomdlali obese kunesikhathi emdinga ngoba ukwazi ukuliqala emuva ibhola.
“Ukuba yinxele kwakhe nokukwazi ukuqala ibhola emuva kusinika izindlela eziningi zokuhlasela okuyinto obese kunesikhathi siyithungatha eqenjini lesizwe,” kusho uBroos ekhuluma ngoDortley.
Imidlalo yeBetway Premiership:
Namuhla Ngo-7.30pm: Chippa United v SuperSport United (Nelson Mandela Bay); Royal AM v Golden Arrows (Harry Gwala Stadium); Sekhukhune United v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Cape Town City v Polokwane City (Athlone Stadium); Kaizer Chiefs v Richards Bay (Peter Mokaba Stadium).