IMENENJA yeCape Town Spurs, uShoes Mekuto ayikuthathi kabi ukuthi kunamaqembu ashela abadlali babo njengoba kucaca ukuthi bazogawulwa yizembe kwiDStv Premiership.
ISpurs enyukele esigabeni esikhulu ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024, isemsileni we-log yePremiership ngamaphuzu angu-18 emuva kwemidlalo engu-27.
Akusekho okungayisindisa ekugawulweni yizembe noma ekudlaleni ama-play-offs. Ekuqaleni kuka-2024 bekubukeka iSpurs sizolivika izembe, siqoqa amaphuzu imidlalo ilandelana ithela othulini AmaZulu ne-TS Galaxy.
Njengoba leli qembu lisobhukwini, aseqalile ‘amankentshane’ ukuzungeza eduze kwekomkhulu lalo, iKamva ngenhloso yokuthola abadlali.
Kubadlali okuvela ukuthi bashelwa ngamanye amaqembu kukhona uLuke Baartman okuthiwa ufunwa nawaphesheya kwezilwandle. Abanye ngu-Asanele Velebhayi nomgadli u-Ashley Cupido.
“Kujwayelekile ukuthi uma iqembu likulesi simo, amanye amaqembu abafune abadlali balo. Kodwa okwamanje asifuni ukuyikhuluma leyo kuze kuphele isizini, kuqinisekiswe ukuthi siphelelaphi.
“Maningi amaqembu afuna abadlali bethu futhi angiwasoli ngalokho. Ngisho angomakhelwane bethu okuyiCape Town City neStellenbosch ayabafuna ukuze aqinise izindawo axegayo kuzona. Asikakazozilalela izicelo ezinjalo okwamanje ngoba ukudayisa kwethu kuzoncika ekutheni sikusiphi isimo.
“Udayisa abadlali ngoba ufuna imali yokuqhuba iqembu noma eyokuholela abadlali. Konke kuzoncika ekutheni siphetha kuphi kwi-log,” kusho uMekuto.
ISpurs singenelwe ngamagoli amaningi kunawo wonke amaqembu kwiPremiership ngawu-42. Lokhu kungenye yezinto ezisicekele phansi.
UMekuto uthe ukuwina umdlalo akusabajabulisi ngokuphelele. ISpurs siqoqe amaphuzu amathathu ngokwehlula iRoyal AM ngo 1-0 ngoLwesibili ebusuku.
“Ukuwina umdlalo kuyasijabulisa kodwa hhayi ngokugcwele ngoba sisuke sibheke okwenzeka emaqenjini angaphezu kwethu. Kunalokho, kusifaka umdlandla wokuphokophela emdlalweni olandelayo.
“Sekunzima ukuthi sizophuma kulesi simo esikuso ngoba asiwashayi amagoli ngokwanele futhi singenelwe ngamaningi.
“Kufanele sibhekane neqiniso, alisekho ithemba lokuwina imidlalo emithathu ilandelana kwazise asikaze sikwenze lokho kule sizini. Noma singayiwina leyo midlalo, sizodlala ama-play offs nawo anzima,” kuqhuba uMekuto.
ISpurs sizobuyela enkundleni namuhla uma sesitholana phezulu neSuperSport United kowePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-7.30 ebusuku.
Umqeqeshi weSpurs, u-Ernst Middendorp uthe:
“Ngishilo ngoJanuwari ngesikhathi senza zonke izinguquko ukuthi sizama ukwenza into engeke yenzeke. Namanje ngisasho ukuthi sizodinga umlingo yize ngilincoma iqembu ngelikuzuzile kulo nyaka ukuze sibe sethubeni lokuzisindisa ezembeni.
“Lokhu akuvamile ukwenzeka uma kwenziwe inqwaba yezinguquko. Ngokujwayelekile kuthatha iminyaka ukuthi iqembu liqale ukudlala kahle. Kuyakhombisa ukuthi abadlali benze kahle kangakanani.
“Engizobatshela khona kusukela manje ukuthi kufanele bakhululeke futhi bakhombise umfutho esiwubonile emidlalweni yakamuva. Sidinga umdlali ngamunye ukuthi enze konke okusemandleni akhe, yilokho okusemqoka kakhulu.
"Sizobasiza lapha nalaphaya mayelana nokufanele bakwenze bese sithemba ukuthi konke lokho kuzosisiza kulo mdlalo olandelayo ngoLwesihlanu.“