IMAMELODI Sundowns iqhubekile nokuthela induku emaqenjini ehlangana nawo emidlalweni ye-DStv Premiership nokuyinkomba yokuthi ifuna ukusheshe icacise ngokudla umhlanganiso wesicoco seLigi.
Emdlalweni ewudlale neSekhukhune United, iyibhaxule ngo 2-0 eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane izolo ntambama. Amagoli ayiweze ngelibanzi njengoba isenyathukweni yokuqopha omunye umlando, avalelwe phakathi nguPeter Shalulile noCassius Mailula ngesiwombe sesibili.
Kulo mdlalo iSundowns ibisinqoba oka-14 weligi kulandelana okuyirekhodi elabekwa yiKaizer Chiefs ngesizini ka-1991 nokubukeka izolephula ngendlela eqhubeka ngayo nokuqhobozela kwasani ephambi kwayo.
Kanti ngasohlangothini lweSekhukhune, ukushaywa kwayo yiSundowns bekusho ukuphazamiseka komgqigqo wayo wokunqoba imidlalo emine ilandelana.
Nakuba iSekhukhune ikwazile ukuyibamba iSundowns ekungashayini igoli kwaze kwayiwa ekhefini zibamben ngo 0-0 kodwa iSundowns yiyo ebiphezulu ngomdlalo ithola namathuba amaningana.
Umgadli waleli qembu uPeter Shalulile noNeo Maema, yibona abathole amathuba, ikakhulukazi uShalulile ngesiwombe sokuqala kodwa amabhola abo abengenamandla atheni ephelela ezandleni zikanozinti uBadra Sangare, weSekhukhune.
Nokho uShalulile obewuhlupho ugcine elitholile igoli ngesiwombe sesibili ngomzuzu ka-49 ngemuva kwebhola abelidekelwe nguGastin Sirino, lamthola engamakwe muntu kwaba ngu 1-0.
Leli bese kuyigoli lesishiyagalolunye likaShalulile, elenza kube nguyena njengamanje ozihola phambili ngokushaya amagoli amaningi kwi-DStv Premiership.
UCassius Mailula ongene ngesiwombe sesibili uphinde waqhubeka nokukhombisa ifomu yakhe evalela phakathi igoli lesibili ngomzuzu ka-81 ngemuva kwebhola alinikwe wuThapelo Morena.
Empeleni ambalwa amabhola ahluphe unozinti weSundowns, uDenis Onyango kulo mdlalo, okubalwa kulo ebelithunyelwe ngu-Elias Mokwane ngomzuzu ka-58 aliphebezile, kwaphinde kwaba ngelikaNkanyiso Madonsela ngomzuzu ka-73.
ISundowns iqede lo mdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaMarcelo Allende, obesanda kungena ngesiwombe sesibili, kulandela ukudlalisa kabi umdlali weSekhukhune. Unompempe uThokozani Mkhize, ube esemkhomba ezindlini zokugqokela umdlalo ungakapheli.