ISISHOSHOVU se#FeesMustFall, uMcebo “Nkunzikayibaleki” Dlamini, ukhomba ngenjumbane abaphathi baMaZulu FC ngokubekezelela umqeqeshi waleli qembu uRomain Folz, phezu kokuba iqembu liqhubeka nokuthola imiphumela engagculisi.
UDlamini oqale wabhala enkundleni yezokuxhumana ebuza ukuthi uFolz usagcinelweni?
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto ube esephumela obala ngokukhathazeka kwakhe ngaleli qembu elinomlando omude ebholeni lezinyawo eNingizimu Afrika.
Uthe: “Iqiniso wukuthi lo mqeqeshi uyimbangela yokubhacaza kwaMaZulu. Akukho okuhlukile afike nakho eqenjini, akanawo amaqhinga aphusile, nosekuphendule AmaZulu iqembu elingaqondakali ukuthi lidlala nhloboni yebhola.
“Ngeke sithule sibukele izinto zonakala ngoba AmaZulu awafani nanoma yiliphi nje iqembu, kodwa ayiqembu elinendawo ekhethekile emlandweni waseNingizimu Afrika, ikakhulu kubantu abangamaNguni. Uma kukhona okungahambi kahle kufanele nakanjani siphefumule siveze ilaka lethu.
“Sibona kufanele ukuthi manje umphathi waMaZulu ayifakele izibuko indaba yomqeqeshi ngoba leli qembu aliyona nje ibhizinisi noma into yokuchitha isizungu kubantu abayizigwili. UMr Bean (esho uFolz) akahambe. Asifuni AmaZulu ehlelwe yisimo esifana neseSwallows,” kusho uDlamini.
Ethintwa okhulumela AmaZulu uBrilliant Mkhathini, uthe bayawuhlonipha umbono kaDlamini ngoba lokhu kuyasho ukuthi kubaluleke ukuvikela isithunzi seqembu.
“Iqiniso lithi lenkulumo kaDlamini iyinkomba yokuthi kumqoka kangakanani kumuntu ogqoka ijezi noma imibala yeqembu ukuba avikele isithunzi salo. Naye ukhuluma akuzwa ngaphakathi kuye. Ngakho siyawuhlonipha umbono wakhe.
Ngakolunye uhlangothi uFolz, ezakhe zishaywe yiStellenbosch wakhala ngokugejwa kwamathuba okushaya amagoli njengoba behlulwe ngo 2-0 ababhaxabulwe eDanie Craven Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.
Emidlalweni eyisishiyagalolunye yeligi kusukela ngoJanuwari asanqobe emibili kuphela, ashaywa kwemithathu, adlala ngokulingana kwemine.
Ephawula ngomdlalo uthe: “Ngesiwombe sokuqala sidlale kangcono kakhulu futhi sakha amathuba okushaya amagoli emizuzwini engu-20 yokuqala, kwaze kwaba khona nalapho elinye ibhola elishaye khona ipali.
Inkinga yethu kube wukuya kwethu kakhulu phambili sishiye izikhala emuva, okuyiyona nto abayisebenzisile ukusigqobhoza.
Yithi esibanike ithuba lokwenza lokho, ekubeni besazi ukuthi leyo vele yindlela abayisebenzisayo isikhathi esiningi uma behlasela.
Ngakho kuzofanele sithole indlela yokulilungisa leli phutha, lokuvumela izitha zisihlasele ngale ndlela,” kusho uFolz.
Lo mqeqeshi uyavuma ukuthi ukugeja amagoli kwabadlali bakhe ngesiwombe sokuqala nakho kubahlinzele ezibini.
“Sisalokhu sibhekene nenkinga eyodwa elokhu iqhubeka, yokwehluleka ukuqedela umsebenzi phambi kwamapali ngoba empeleni ngokwamathuba esiwatholile yithina obekufanele sishaye igoli kuqala,” kuqhuba uFolz.
Nakuba abaphathi boSuthu bemeseka uFolz, kodwa ukuqhubeka kwakhe nokuhluleka ukutholela iqembu imiphumela egculisayo, kubukeka kuzosiqeda isineke sabaphathi balo qembu.