Ungeniswe esibhedlela kukubi umshayisibhakela wase-Eastern Cape, uYanga “Showtime” Sigqibo, okuvela ukuthi uqulekele endlini zokushintshela emuva kwempi yakhe nompetha we-IBO Junior Bantamweight uRicardo “Magic Man” Malajika e-Emperors Palace, eGauteng, ngoLwesihlanu ebusuku.
USigqibo (18-3-1) wehlulwe ngomgqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano ka-11. Ubeqala ukwehlulwa ngale ndlela selokhu aqala isibhakela ngo-2013. Nakuba kungekho obekukhombisa ubuthaka kuSigqibo emuva kwempi avuke phansi kuyona amahlandla amathathu kodwa isitebele ebesihlele impi, iGolden Gloves Promotions kaRodney Berman, sikhiphe isitatimende esithi lo mshayisibhakela ufike waquleka endlini yokushintshela, waphuthunyiswa esibhedlela.
“IGolden Gloves ingakuqinisekisa ukuthi umshayisibhakela wakuleli, uYanga Sigqibo, ulimalile empini yebhande noRicardo Malajika. Emuva kwempi ahlulwe kuyona ngomngqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano ka-11, uqulekile endlini yokushintshela, waphuthunyiswa esibhedlela e-Arwyp Hospital lapho athole khona ukwelashwa. Kutholakale ukuthi unokopha ebuchosheni. Nakuba isimo singekho bucayi futhi ephefumula, odokotela bamqaphile,”kusho iGolden Gloves esitatimendeni.
UMalajika (14-2-0) uvikele ngempumelelo okwesibili ibhande le-IBO aliwina nyakenye lingaphethwe muntu ehlula uKevin Munoz wase-Argentina.