I-ORLANDO Pirates izibuyisele emgqigqweni wokulwela ukuzibekisela indawo kwiCaf Champions League ishaya iSupersport United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium, eSoweto, izolo kusihlwa.
Bekuyiwe kulo mdlalo iPirates isalele emuva ngamaphuzu amahlanu kwiSupersport esahlezi endaweni yesibili kwi-log phezu kokwehlulwa kwayo kulo mdlalo.
Ukunqoba kwePirates kulivalile kancane igebe phakathi kwala maqembu njengoba esehlukaniswe ngamaphuzu amabili.
Yize womabili la maqembu awatholile amathuba okubhakuzisa inethi ngesiwombe sokuqala, yiSupersport obekumele kuyiwe ekhefini ihamba phambili ukuba uZakhele Lepasa, akagejanga uqekelele wethuba esengaphansi kwepali emuva kwebhola abelibekelwe wuSiphesihle Ndlovu ngomzuzu ka-38.
Ngesiwombe sesibili iPirates ibuye ngamandla kakhulu nokuthe emizuzwini embalwa nje zibuye ekhefini uMonnapule Saleng, wacishe wabeka iPirates phambili kodwa ibhola lakhe laphuma kancane eceleni kwepali.
Lokho kulandelwe wukugeja kukaThembinkosi Lorch, ocezwe kancane yibhola abedinga ukulithinta nje kancane libhajwe enethini, kulandela ibhola ebeligotshwe wu-Innocent Maela ngomzuzu ka-56.
ISupersport izigwaze ngowayo ihluleka ukuthola igoli ngomzuzu ka-70, uPatrick Maswanganyi ehlulwa ukubhakuzisa inethi esejike abantu esebhekene nonozinti wePirates uSipho Chaine.
Lo mdlali ukhethe ukulibeka ezandleni zalo nozinti, umqeqeshi weSupersport uGavin Hunt wathukuthela wathelwa ngamanzi.
Ukaputeni nesiqongqwane sasemuva u-Onismor Bhasera, obengene ngesiwombe sesibili, uhlinzele ezibini iSupersport ngomzuzu ka-78 ngenkathi evimba ibhola ngesandla ngaphakathi ebhokisini, unompempe uJelly Chavani, walikhomba emlotheni.
UThapelo Xoki ushaye ingcwenga yephenathi ayizwe ngendaba unozinti weSupersport, uRicardo Goss nokugcine kuyilona goli eZimnyama ezinqobe ngalo lo mdlalo.
Womabili la maqembu eZimnyama naMatsatsantsa asalelwe yimidlalo emqoka eyisikhombisa, asenethuba elifanayo lokuqeda endaweni yesibili kwi-log ngokuphela kwesizini azibekisele indawo kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
EZimnyama zizobuyela ensimini ngokubhekana neRichards Bay FC ngo-Ephreli 1, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Kuthi Amatsatsantsa abuyele ensimini ngeChippa United ngosuku olufanayo, eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha.