INTSHA yaKwaNongoma iinxuse ukuthi ziqhubeke zinakwe ezemidlalo njengoba kuyizona ezisiza ngokuyiqhelisa ezidakamizweni nakweminye imikhuba engalungile.
Lokhu kugqame ngoMgqibelo, enkundleni yezemidlalo yaseMona ngesikhathi kunemidlalo ebihlelwe uMasipala waKwaNongoma.
Kuyona bekuqhudelana ama-ward ahlukene, amakhansela kanye namaphoyisa aKwaNongoma.
UNothile Mthethwa obeyingxenye yalo mcimbi noqhamuka esigodini sasoSuthu uthe intsha kumele iyisukumele imicimbi efana nalena.
“Uyabona imidlalo, bese kuba imicimbi ekhuthaza amantombazane ukuthi azithibe ocansini, kuyasiza kakhulu. Mina ngikhuthaza umasipala ukuthi ungayibalekeli le micimbi kodwa uqhubeke nayo,” kusho uNothile.
Imeya yaKwaNongoma, uMnuz Clifford Ndabandaba, ithe okubajabulise kakhulu ukubona abadlali abaqhamuka emaqenjini amakhulu bezohlwaya ithalente.
“Sithemba ukuthi kukhona abababonile abazohamba bayocijwa amakhono abo emaqenjini amakhulu. Imicimbi efana nalena siyenzela khona lokho ukuthi sisize abanamakhono bese sinxusa ukuthi intsha izikhuthalele ezemidlalo ukuze iphume ebugebengwini.”
Kulo mcimbi umklomelo omkhulu uhambe no-ward 23 emdlalweni webhola
Kwabesifazane kwi-netball kuphume phambili u-ward 6.