IMENENJA yomdlali wePolokwane City osematheni kulezi zinsuku, u-Oswin Appollis, iyaqhubeka nokungena ezintangeni yize iKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukuthi sekungaba umlingo ongayishwebisa lesi siphekepheke seBafana Bafana.
ULance Davids obheke izindaba zika-Appollis akafuni ukuphumela obala ngekusasa lalo mdlali okukhulunywa ngaye nxa zonke kulandela ingcwenga ayishaye kwiBafana inqoba kwiSouth Sudan ngoLwesibili.
U-Appollis osemabhukwini ePolokwane City uphume namagoli amabili kulo mdlalo obuseJuba, eSouth Sudan.
Kusukela kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali u-Appollis ungomunye wabalokhu bemataniswe njalo nendlela ebheke eNaturena njengoba Amakhosi ebumba kabusha.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, akazange akufihle ukuthi bathungatha umdlali ofana no-Appollis lingakavali iwindi ngoSepthemba 20.
UNabi ukusho lokhu kwabezindaba ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iBetway Premiership ngeledlule eGoli.
Yize bekunjalo kodwa namaqembu asenhla ne-Afrika abengazibekile phansi ngokushela u-Appollis osayine inkontileka yeminyaka emithathu neRise and Shine ngonyaka odlule.
Le nkontileka ihamba nesivumelwano sokwengeza ngomunye unyaka. Konke lokhu kuba seqhulwini uma kudayiselwana ngabadlali.
Isolezwe lithinte uDavids ngoLwesibili limbuza ngamahebezi okuthi u-Appollis angase ajoyine i-USM Alger yase-Algeria kwazise ngalelo langa (ngoLwesibili) belivala iwindi lakhona lokuhwebelana ngabadlali.
“Ukuvala kwewindi lase-Algeria akusho ukuthi nawaseTunisia noma eNingizimu Afrika nawo ayavala ngakho-ke anginayo impendulo kuze kube asevalwe wonke,” kuphendula uDavids.
Isikhulu seChiefs, uKaizer Motaung Jnr, sikuqinisekisile ukuthi ukuthi sekusele kancane baqede no-Appollis ngesikhathi sikhuluma ohlelweni lwezemidlalo olwethulwa uRobert Marawa, i-Marawa Sports Worldwide (MSW).
“U-Appollis ungomunye wabadlali esingathanda ukwengeza ngabo lingakavali iwindi futhi lokhu asikufihli ngoba izingxoxo phakathi kwethu nosihlalo wePolokwane ziyaqhubeka,” kusho uMotaung Jnr.
“Akuyena yedwa u-Appollis esixoxa ngaye kepha bakhona nabanye okwenza ngikhululeke ukusho ukuthi sekuseduze siqede konke,” kuqinisekisa yena kwiMSW.
Emuva kwale nkulumo Isolezwe liphinde lamthinta uDavids kodwa waqhubeka nokungena ezintangeni.
“Sengafunda ukuthi ngikhulume ngoba sekusayiniwe ebholeni ngakho-ke akukho engikuphikayo kodwa futhi akukho engikuvumayo.
“Ngikusho lokhu ngoba ngikholelwa ekutheni kusengenzeka noma yini,” kusho uDavids.