KUVELA ukuthi abadlali beMagesi FC bathenjiswe uKhisimusi omnandi uma beke banqoba inkomishi yeCarling Knockout ngempelasonto.
Lokhu kuvezwe uJackie Ledwaba oyiphini lomqeqeshi kuleli qembu elizobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu eCarling, kusasa ngo-6 ntambama, eFree State Stadium.
Indlela liyicabe ngokudlula kwi-Orlando Pirates,TS Galaxy neRichards Bay. ULedwaba owayewumgadli waMaZulu, usebe umqeqeshi iminyaka engaphezulu kweshumi kwiMagesi eteketiswa ngeDikwena tsa Meetse.
ULedwaba ongomunye wabebenikwa izitifiketi zeCaf B Licence, ngoLwesibili eThekwini, utshele Isolezwe ukuthi usihlalo wabo, uSolly Makhubela, ubathembise izinto ezimnandi uma benqoba le nkomishi.
Umpetha weCarling uhamba nesheke lika-R6.6 million.
"Uthe kithi hambani niyokwenza umsebenzi wenu ngokuzikhandla. Uma ninqobe le nkomishi ngizonijabulisa. Nakuba usihlalo engaphumelanga obala kodwa uthe sizoba noKhisimusi omnandi. Siyamazi, uwumuntu ozigcinayo izethembiso," kusho uLedwaba owaba umshayimagoli ovelele ngesizini ka-2003/04. Washaya awu-14 esadlalela uSuthu. Leli phini likaClinton Larsen lithe bavuselelekile abadlali babo ngaphambi kowamanqamu.
"Abadlali bethu siyabatshela ukuthi kunezinto ezifika kanye empilweni, othi uma uke waziyeka zihambe unomphela. Siyazi kuzoba nzima kodwa sizolwa."
ULarsen ucashunwe ethi basizwe ukuthi abebeya amaqembu abebebhekana nawo kulo mqhudelwano.
ULedwaba uthe uyazi ukuthi iSundowns ngeke yenze iphutha elifanayo.
"ISundowns iyazi ukuthi uma izosizela ngobuso izinyawo zizobheka phezulu. Siqale ngokubambana neKaizer Chiefs koweligi saphinde sagingqa iPirates kungalindele muntu. NangoMgqibelo sizoqhubeka nokulwa. Iningi labantu abakuMagesi alikaze lizuze lutho," kuqhuba lo mqeqeshi.
Uthe isifiso sakhe ukuthi aqede leli sonto ngezindaba ezimnandi. "Ekuqaleni kwalo ngithole iCaf B Licence. Kuyisifiso sami ukuthi ngilivale ngokunqoba inkomishi yeCarling."