Maritzburg (0) 0
Swallows (0) 0
IMARITZBURG United iphinde yalahla amaphuzu amqoka ibambana ngo 0-0 neSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership obekugcwele kuwona abalandeli bayo abebephume ngobuningi ukuzoyeseka eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ebusuku.
IMaritzburg ebiye kulo mdlalo izikhotha amanxeba ngemuva kokuxetshulwa ngo 3-0 yiKaizer Cheifs ngoLwesithathu, ibiwadinga ephelele amaphuzu kulo mdlalo ngenhloso yokubuyisa ukuzethemba njengoba isaqoqe amaphuzu amabili kuphela emidlalweni emithathu.
Ngakolunye uhlangothi iSwallows ibize kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela ukushaya kwayo iCape Town City ngo 3-2 ngoLwesithathu.
Okuqaphelekile esikimini seMaritzburg esiqale umdlalo izinguquko odongeni lwasemuva
ezenziwe ngumqeqeshi waleli qembu uJohn Maduka ikakhulukazi odongeni lwasemuva, njengoba engababuyisanga o-Alfred Ndengane noKeegan Ritchie ababe ngamakhongco abuthaka leli qembu libhaxabulwa yiChiefs ngoLwesithathu.
Kanti umgadli omusha waleli qembu uKimvuidi Karim waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ukhombise ukuba ngumgadli owuhlupho, nokufakazelwe ngukuqokwa kwakhe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
Eqinisweni iMaritzburg ebilokhu iphezulu ngomdlalo kusukela esiwombeni sokuqala, yiyona okufanele ngabe iwunqobile lo mdlalo ngenxa yamathuba amaningi ewatholile, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.
Ngesiwombe sokuqala ibhola elibi ebeligotshwe nguBongani Sam likhishwe nguWandisile Letlabika selimdidile unozinti weMaritzburg uKing Ndlovu ngomzuzu ka-13, kwaba ngesifanayo nangomzuzu ka-30 ngenkathi ibhola elibi ebelidudulwe uLeletu Skelem weMaritzburg liphebezwa ngunozinti weSwallows uThakasani Mbanjwa.
Kanti zicishe zaya ekhefini iSwallows ihamba phambili ngemuva kokuba ibhola ebelingqomfwe ngekhanda nguSboniso Mtshali liphebezwa sekukubi nguNdlovu weMaritzburg.
Nangesiwombe sesibili kube ngesifanayo womabili la maqembu etabalasa ukuthola igoli, ikakhulukazi iMaritzburg ebilokhu iqhubeke njalo nokwakha amathuba kodwa abadlali bayo behluleka ingcaca ukubhakuzisa inethi, okwale noma umqeqeshi waleli qembu esenze izingququko efaka abagadli okunguTawanda Macheke noFriday Samu.
ITeam of Choice esalelwa ukunqoba umdlalo wayo wokuqala kwemithathu, izobhekana neCape Town City ekuhambeni ngoLwesithathu e-Athlone Stadium, eKapa.
Kuthi iZinyoni zibuyele enkundleni nokutholana phezulu naMaZulu FC ngoLwesihlanu esibayeni sazo eDobsonville Stadium, eSoweto.