TS Galaxy (2) 3
Golden Arrows (1) 1
ILamontville Golden Arrows iyeke ithuba lokuqinisa indawo yayo kwi-Top 8 ngesikhathi ivumela i-TS Galaxy ukuthi ibuye ize iyishaye emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ebusuku e eMbombela Stadium, eNelspruit.
Inkundla ivulwe ngumgadli omusha waseZambia we-Arrows, uMoyela Libamba, esiwombeni sokuqala kwathi sesiyophela, washayela iGalaxy elokulinganisa uThato Khiba.
Kuthe seziyela ekhefini, uLehlohonolo Mojela, wabeka iGalaxy ebuhleni ngegoli lesibili ngaphambi kokuthi, uSamir Nurkovic, ashayelele isipikili sokugcina ngokwenzisa, uJohn Mwengani, iphutha walishaya ngasekhaya.
Ngesikhathi kubukeka sengathi zisathengana ngemizuzu yokuqala uLibamba, ofike kwi-Arrows njengoba bekuvulwe iwindi lokushintshana ngabadlali, ulidumise enethini kulandela umsebenzi omuhle kaSibusiso Sibeko umdlalo unemizuzu eyisikhombisa uqaile.
Emuva kwaleli goli kube sengathi iyavuka emaqandeni iGalaxy yize ibingeyona kangako ingozi kuSifiso Mlungwana obevimbele i-Arrows.
Ukuphatha umdlalo kweGalaxy kuze kwathela izithelo ngengcwenga yegoli enanyathiselwe nguKhiba. Obekugqame ngeminyakazo yeGalaxy wukuthi cishe yonke ibithinta uLindokuhle Mbatha.
Umnyakazo wokugcina wesiwombe sokuqala ugcine ngokuthi likhale enethini ngekhanda likaMojela obeke iqembu lasekhaya phambili okokuqala ngomzuzu ka-45.
Kwesesibili isiwombe iGalaxy iyona ebiqhubeka nokuba ingozi yize iminyakazo ibingathusi njengeyangesiwombe sokuqala.
Nakuba i-Arrows ibingasavuzi kangako maphakathi nenkundla esiwombeni sesibili kodwa ibingahlaseli ngendlela ebidingeka ukuze ilinganise.
Obunye ubungozi beqembu lasekhaya bese budalwa nawubuhlakani obungene noNurkovic oshaye ingcwenga yegoli ngomzuzu ka-85, lashaya kuMwengani langena enethini.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Premiership
SuperSport 1-1 Stellenbosch FC; Chippa United 1-1 Cape Town City; Moroka Swallows 0-1 Polokwane City; Sekhukhune United 3-1 Richards Bay; Cape Town Spurs 3-1 AmaZulu; Mamelodi Sundowns 1-1 Orlando Pirates; Royal AM 0-0 Kaizer Chiefs; TS Galaxy 3-1 Golden Arrows