KUQHILIKA izihlathi kubagijimi abazoyibamba kwiComrades Marathon yakulo nyaka ngenxa yokukhushulwa kwemiklomelo ezohlonyulwa ngabagijimi abazophuma phambili.
Ngenxa yeCovid-19, imiklomelo yalo mjaho yehliswa ngo-2020 nango-2021.
IComrades Marathon Association (CMA) imemezele ngokusemthethweni izolo ukuthi imiklomelo isizoba ngu-R4.3 million isiyonke isuka ku-R2.2 million wangonyaka odlule.
Umgijimi ozodla umhlanganiso kwabesilisa nabesifazane uzomuka no-R500 000, ozophuma isibili emuke no-R250 000, kuthi owesithathu emuke no-R180 000.
Umhlanganganiso nyakenye udliwe ngo-R260 000, isibili kungu-R130 000, isithathu kungu-R90 000.
Kuneminye imiklomelo yabazophula amarekhodi alo mjaho, okuyirekhodi lika-2016 likaDavid Gatebe lika-5:18:19 kwabesilisa, nelikaFrith van der Merwe lango-1989 lika-5:54:43 kwabesifazane.
Lokhu kusho ukuthi umgijimi ozophula irekhodi likaGatebe uzogixabezwa ngomunye uR500 000 okwenza uR1 million, kube ngesifanayo nozophula irekhodi likaVan der Merwe.
Nyakenye kwabesilisa umhlanganiso wadliwa nguTete Dijana, kwabesifazane wadliwa ngu-Alexandra Morozova waseRussia.
IComrades yakulo nyaka izogijinywa ngoJuni 11, isukela eMgungundlovu iphelele eThekwini.
Bebeshaya amakhala ngemiklomelo engagculisi abagijimi nokuholele ekutheni abanye bahoxe emjahweni wanyakenye.
Kowakulo nyaka kubhekwe kakhulu uDijana okunguyena ovikela isicoco nosefomini enhle kakhulu emuva kokunqoba iNedbank Ultra Marathon yebanga lika-50km ngenyanga edlule, eGqeberha.
Ngaphandle kukaDijana, abanye ababhekiwe, nguBongumusa Mthembu, uNkosikhona Mhlakwana, no-Edward Mothibi.
Kwabesifazane kubhekwe uGerda Steyn no-Alexandra Morozova ovikela isicoco.