IMAMELODI Sundowns idlulele kuma-quarterfinal eCaf Champions League ngemva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Al Hilal yaseSudana emdlalweni womlenze wesibili kaGroup B, ngoMgqibelo e-Al-Hilal Stadium, e-Omdurman, eSudan.
ISundowns engakehlulwa kulesi sigaba samaqoqo esesisongwayo, ifike emdlalweni idinga amaphuzu amathathu noma elilodwa ukwenza isiqiniseko sokwedlulela esigabeni esilandelayo somqhudelwano.
Ngeledlule ithumele umlayezo oshubile ezimbangini zayo ngezinhloso zayo zokwedlulela kuma-quarterfinal ngesikhathi ixebula i-Al Ahly ngo 5-2 eLoftus Versfeld, ePitoli.
Emdlalweni wayo ne-Al Hilal eyayinqoba ngo 1-0 kowomlenze wokuqala ePitoli, iSundowns yiyona ebone inethi kuqala ngonyawo lulaKhuliso Mudau ngesiwombe sokuqala, kade kuyi-free kick ebithathwe ngu-Aubrey Modiba.
Kwathi ele-Al Hilal lokulinganisa lashaywa ngu-Abdelrahman Yousif Yagoub, ngemuva kwephutha ebelenziwe ngunozinti weSundowns, uRonwen Williams, ehluleka ukuvimba ibhola abeliphaselwe nguMothobi Mvala, labhajwa enethini.
i-Al Hilal icishe yahamba nawo womathathu amaphuzu kulo mdlalo nokho wala waphetha uWilliams elungisa iphutha lakhe ngokuvika iphenathi kaYasir El-Tayeb, sekusele imizuzu emine kuphele umdlalo.
Njengamanje iDowns iqhwakele phezulu kuGroup B ngamaphuzu angu-11, ilandelwe yi-Al Hilal ngangu-10, elandelwa yi-Al Ahly ngayisikhombisa.
I-Al Hilal ezodlala ne-Al Ahly ngoLwesihlanu, eCairo, e-Egypt, idinga iphuzu elilodwa nje kuphela kulo mdlalo ukuze idlulele kuma-quarterfinal.
Ngakolunye uhlangothi i-Al Ahly kudingeka iwunqobe kumnyama kubomvu lo mdlalo futhi ngamagoli evile kwamabili ukuze ilingane ngamaphuzu ne-Al Hilal bese kuba yiyona edlulela esigabeni esilandelayo ngenxa yomehluko wamagoli.
Kanti ngoLwesihlanu amaSandawane azodlala neCoton Sport, ePitoli, nakuba esevele edlulele kuma-quarterfinal kodwa ayadinga ukuwunqoba lo mdlalo ukuze akwazi ukuqeda kuyiwona aqhwakele phezulu kuGroup B.