IZIMOTO eziphayisa amalambu aluhlaza ziyingozi kubasebenzisa umgwaqo njengoba abashayeli bezithwala osopolitiki, bephatha abanye abantu ngendluzula, ngokusho kwe-Automobile Association (AA).
“Ukushaywa kwabashayeli abathathu emgwaqweni u-N1 eFourways, eGauteng, ngo-2023, yisibonelo esihle ukuthi ”abavikeli“ kulezi zimoto baziphatha kanjani kwabanye. Umyalezo walaba ngowokuthi abagibeli babo babaluleke ukudlula abanye abasebenzisi bomgwaqo nokuthi umphakathi kumele uvele ugudluke okanye uhlaselwe,” kusho i-AA.
Ithe ubukhona bezimoto eziphayiza amalambu aluhlaza ezihamba ngesivinini esiphezulu kuya ngokwanda, ikakhukazi emigwaqweni yaseGauteng.
Ithe kuseneminyaka izwakalisa izikhalo zayo kodwa akukho okwenziwayo ukunqanda indlela abashayeli bazo abaziphatha ngayo.
“Sithola izikhalo eziningi kubantu ngokuthi lezi zimoto zibaphoqa kanjani ukuze baphume emgwaqweni bese zifohla esiminyaminyeni, ikakhulukazi ngezikhathi ezimatasa ekuseni noma ntambama. Kunobufakazi babantu bokuthi abagibeli balezi zimoto bavele baveze izibhamu zabo kwabanye abashayeli ukubasabisa futhi banodlame emgwaqweni. Abasebenzisi bomgwaqo baseNingizimu Afrika bafanelwe wokungcono.”
Ibuze ukuthi yiliphi iqhaza okumele libanjwe ngabasuke begadiwe kulezi zimoto eziphayiza amalambu aluhlaza.
Ithe noma ngabe yimuphi usopokitiki ogadiwe kumele akubeke kucace ukuthi ufuna abasebenzi baziphathe kahle.
“Ukuvumela laba ukuthi baziphathe ngendlela abenza ngayo kuthumela umyalezo kubantu wokuthi banamandla okudlula umthetho nokuyinto engekho,” kusho i-AA.
Isigaba 58(3) weNational Road Traffic Act (NRTA) sivumela abezimo eziphuthumayo njengamaphoyisa omgwaqo, abashayeli abagunyaziwe kanjalo “nabaqokwe ngokomthetho weSouth African Police Service Act abashayela izimoto, ukuqhuba umsebenzi wabo” ukuthi bazibe izimpawu zomgwaqo ezifakiwe ngendlela evumelekile.
Isigaba 176 siphinde siveze ukuthi abashayeli kumele badlulise izimoto ezikhalayo noma esiphayiza amalambu akhombisa ukuthi ngezani.
“Kodwa sithi noma ngabe yimuphi umshayeli oshayela budedengu noma ongenandaba nokuphepha kwabanye abasebenzisi bomgwaqo ukuthi kumele ajeze uma bebeka engcupheni impahla noma abanye abantu kungakhathalele ukuthi bashayelela osopolitiki, izicukuthwane noma imoto ephayiza amalambu aluhlaza njengabanye abashayeli. Empeleni ukushayela budedengu ukuze isikhulu sifika ngesikhathi emhlanganweni akusona isimo esiphuthumayo.”