KWEHLE igwebu kumqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, beshaya igoli ngemuva kwasikhathi eside, emdlalweni weBetway Premiership abahlule kuwo iKaizer Chiefs.
ISuperSport inqobe ngo 1-0 ngegoli elishaywe uTashareeq Morris.
Kufana nokuthi Amatsatsantsa a Pitori abephindisela isibhongo. Emdlalweni odlule ahlulwe ngawo Amakhosi ngo 4-0 koweCarling Knockout.
Bese kuphele imidlalo emibili ehluleka ukunqoba. Agcina ngokushaya iTS Galaxy ngo 1-0.
Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo, uHunt ubelokhu ebabonge njalo abadlali bakhe ngokuzimisela.
"Yebo, maningi amaphutha esiwenzile kulo mdlalo. Ngesingami, bekumele sishaye amagoli amaningi, sithole amathuba amaningi. Besingawashaya amabili kubheke kwamathathu esiwombeni sokuqala, nakuba kunjalo siyabonga. Sinqobe eqenjini elikhulu nebelisinika ubunzima," kusho uHunt.
Emidlalweni eyisithupha iSuperSport ayikenzi neze kahle. Isanqobe emibili kuphela. Idlale ngokulingana kowodwa yase ihlulwa kwemithathu.
Mayelana nomdlalo weChiefs, uHunt ubelokhu esho njalo ukuthi bekumele banqobe ngamagoli amaningi.
"Kubonakalile ukuthi bekungelona usuku lwethu. Ibhadi vele into yasebholeni. Sidlale lonke ibhola kodwa kwangahamba ngendlela ebesifuna ngayo. Sisazoqhubeka nokudlala kahle, abalandeli bethu kumele bazi ukuthi sizama ngakho konke okusemandleni ethu. Sizoqhubeka nokulwa kuze kube sekugcineni. Lo mphumela uzosinika amandla," kuqhuba uHunt.
NgoLwesithathu iSuperSport izodlala neLamontville Golden Arrows koweligi eMpumalanga Stadium ngo-7.30 ebusuku.
UHunt uthe kumele noma kanjani banqobe.
"Uma ubheka indlela esisadlale ngayo uyabona ukuthi kusamele sibhukule kakhulu kunakuqala. Uyabona ukuthi kule midlalo esisayidlalile ukuthi akukho lapho obekumele sihlulwe khona, senza konke okusemandleni. Sizoqhubeka nokulwa. Lezi zinto siyakhuluma ngazo uma sihlangene, siyawabona amaphutha ethu. Kuzolunga maduze. Kuhle ngoba kodlule sinqobile. Kuzomele sisebenzise lokhu kunqoba nakwelandelayo imidlalo. Ngiyaphinda nokubonga abadlali bethu, batshengise ukuzimisela. Sizoqhubeka nokuyibamba ishisa injalo."